Amaphupho Okunqoba

Kubalulekile ukuthi uma uphupha iphupho izikhathi eziningi ukwazi ukulandele ukuthi lichaza ukuthini. Lelophupho lisuke likhuluma into ezokwenzeka, futhi kubalulekile ukuthi ukwenze okushiwo kulo. Ukuphupha izinto ezimbi njalo akuyona into enhle ngoba kusuke kunobongozi phakathi. Isikhathi esiningi amaphupho ayamaniswa namadlozi ukuthi yiwona asuke ekhuluma nawe. Kunenkolelo yokuthi uma ukwenza lokho akutshela kona uba nezinhlanhla futhi ayafika njalo kuwena akuvikele uma ubhekene nezingqinamba. Uma usukwenzile lokho okudingekayo namaphupho owaphupha ngalesosikhathi akhombisa ukunqoba kwakho.

Read moreAmaphupho Okunqoba

Amaphupho Okuphonswa

Amaphupho nezincazelo zawo esizibheka lapha ngaweziphonso zokufa kanye nezokufuna intombi. Ukuphonswa yinto eyenziwa ngumuntu ophilayo emhlabeni. Umuntu uma engakuthandi uyakwazi ukuthi akuphonse noma kukhona umuntu okuthakathayo. Uma umuntu ekuphonsa lowomuntu usuke ewumthakathi. Ngoba usuke ekwenza into embi ngoba usuke engakufuni efuna ukuthi ufe. Omunye usuke enomona ngezinto ezenzeka kuwena nasempilweni yakho.

Read moreAmaphupho Okuphonswa