Sesha

Amaphupho Ngezinja neZinkomo

Kunabantu abanesiphiwo ngendlela eyisimanga abanye abayi ngisho ukuyohlola komunye umuntu ngoba konke okwenzekayo kubona bayakuphupha. Kwesinye isikhathi athi uyohlola ngoba efuna ukuba nesiqiniseko avele umuntu ohlolayo amtsheleukuthi useyayazi nje into ayizele kuyena. Kuvamise ukuthi umbango kube yinto embi futhi egcina ingakhipha ngisho isidumbu. Kuqala umbango kwakujwayeleke ukuthi kube yilapho abantu begane umuntu oyedwa babange bagcine … Read more

Izisho

Ngezansi izisho kanye nezincazelo zazo. Isisho Incazelo Ukuba inkomo kunobhutshuzwayo. ∼Ukungakwazi ukudlala unobhutshuzwayo. Ukuba mtshingo ubethwa ngubani ∼Ukuba intandane. Ukuba nenhliziyo engaphandle ∼Ukuhaha. Ukuba nkomo ∼Ukungabi nokuzivikela, ukungalwi. Ukuba yinyoka ∼Ukuba nobuqili obufihlakele. Ukubamba isisila sehobhe ∼Ukuthembela entweni engenampumelelo. Ukubeka icala ∼Ukumangalela umuntu. Ukubeka inkunzi ∼Ukuphawula inkunzi. Ukubhodlela emswanini ∼Ukukhala emva kwendaba. Ukubhongela emswanini ∼Ukukhala … Read more

Amaphupho Ebhadi

Amaphupho ebhadi isikhathi esiningi awadingi ukuthi ahunyushwe noma achazwe ngoba okwenzeka kulona kusuke kuyilokho okuphuphayo. Lezincazelo ezingezansi sizinikwe nguMama uNelisiwe Sibiya, ohlala endaweni yase Nanda eCongo. Uma uphupha usendaweni emnyama ungakwazi ukuphuma kuyona. Kusuke kuyibhadi ongeke uphume kulona. Uma ujwayele ukuphupha leliphupho kubalulekile ukuthi uma ungumuntu okholelwa ezintweni zesintu uhambe uye kulabo ababonayo noma izangoma. … Read more

Amaphupho Okufa

Uma kuzohamba umuntu emhlabeni kubakhona izimpawu ezishoyo ukuthi kukhona okuzokwenzeka. Kunamaphupho akuvezayo ukuthi kunomuntu ozohamba emhlabeni. Omunye abe nenhlanhla ngisho nokumbona umuntu lowo ozohamba emhlabeni. Ukufa yinto engeke siyivimbele ukuthi ingenzeki. Kweminye imindeni bakhishwa yizisu bonke ngesikhathi esifanayo. Abanye abantu bona bashaywa uvalo kodwa bungekho ubungozi. Ukufa Uma uphupha udwendwe noma ngesinye isikhathi uphuphe kushada … Read more

Amaphupho Okunqoba

Kubalulekile ukuthi uma uphupha iphupho izikhathi eziningi ukwazi ukulandele ukuthi lichaza ukuthini. Lelophupho lisuke likhuluma into ezokwenzeka, futhi kubalulekile ukuthi ukwenze okushiwo kulo. Ukuphupha izinto ezimbi njalo akuyona into enhle ngoba kusuke kunobungozi phakathi. Isikhathi esiningi amaphupho ayamaniswa namadlozi ukuthi yiwona asuke ekhuluma nawe. Kunenkolelo yokuthi uma ukwenza lokho akutshela khona uba nezinhlanhla futhi ayafika … Read more

Joyina mahala, uthole i-ringtone yezithakazelo.