Sesha

Izithakazelo zakwaGumede

Mnguni, Qwabe, Mnguni kaYeyeye, Osidlabehlezi bakaKhondlo kaPhakathwayo, Abathi bedla, babeyenga umuntu ngendaba Abathi “dluya kubeyethwe”, Kanti bahlinza imbuzi, Bathi umlobokazi ubeyethe kuyikhuni, Sidika lolodaba, Phakathwayo! Wena kaMalandela, Ngokulandel’ izinkomo zamadoda, Amazala-nkosi lana! Mpangazitha! iAfrika

Izithakazelo zakwaMchunu

MCHUNU Macingwane, Yeyesa, Phakade, Mnguni wena wase Ngonyameni, Jama kaSilwane Wena kaNogida ngobambo ezinye izintombi zigida ngomshayelo! iAfrika

Amaphupho ngesonto

Uma uphupha ukuthi usesontweni ngemvamisa kuwuphawu oluhle kuwe futhi uzothuthuka. Uma uzila ephusheni lakho kusho ukuthi wena noma umuntu omthandayo uzoshada maduzane ikakhulukazi uma uzwa insimbi yasesontweni ngaphezu kwalokho. Kodwa uma isonto livaliwe uma usufika khona kusho ibhadi. Uma ubona umbiko womshado esontweni kusho ukuthi labo bantu bazodivosa.   iAfrika

Amaphupho ngamakhala

Uma uphupha ukuthi ikhala lakho alikho kuwuphawu lebhadi (ikakhulukazi uma ugula). Uma uphupha ukuthi likhulu kakhulu uzoba yisigwili kodwa ube nobunzima ekutholeni uthando futhi uzojwayela ukuxabana nabanye. Uma lilihle lolu uphawu lenhlanhla futhi kusho ukuthi uzothandwa emsebenzini. Uma ubona ikhala lakho nje kuphela futhi ungazi ukuthi kungani kungenzeka ukuthi kusho ukuthi ukusebenza kwakho kanzima akuzukuba … Read more

Joyina mahala, uthole i-ringtone yezithakazelo.