Amaphupho okuphonswa noma okusongelwa

Ukuphonswa yinto eyenziwa ngumuntu ophilayo emhlabeni. Umuntu uma engakuthandi uyakwazi ukuthi akuphonse noma kukhona umuntu okuthakathayo. Uma umuntu ekuphonsa lowomuntu usuke ewumthakathi. Ngoba usuke ekwenza into embi ngoba usuke engakufuni efuna ukuthi ulimale noma ufe. Omunye usuke enomona ngezinto ezenzeka kuwena nasempilweni yakho.

  • Uma uphupha umuntu ekubiza ekubizela emaholweni noma ezitebhisini akumbele zona. Uthi uyahamba nangu ephethe okuthile, nilwe nigcine seniwele endlini. Kulendlu uma uthi ufuna ukuphuma akuvalele umnyango. Uthi uma usuthole indlela yokuphuma ugcine usuphumile. Akukhombe ngomunwe athi uyoze akuthole: Lowomuntu ombonile ekukhomba ngomunwe usuke ekuphonsa efuna ukuthi ufe. Akukhatheleki ukuthi owakini noma umngani wakho kodwa yena usuke efuna ufe. Ngoba uma ungakwazanga ukuphuma noma wawa kulawo maholo uyafa.
  • Uma uphupha ingane yakho uyiphethe bese iyakuhudela, ingane esuke ilinganiselwa eminyakeni ewu 5: Kusuke kukhona umuntu okuphonsa ngotikoloshe. Ukuthi uhlale emzini wakho noma kube indoda yakho. Kumuntu wesifazane kuthi uma ulele ebusuku ulokhu uphupha sengathi ulele nomuntu wesilisa. Kuphinde ungathandwa muntu uthi uyahleka nabantu ube nesidina. Usuke esekuphonsele ngawo. Ngoba akufanele akuthinte nhlobo amakaka engane yakho ngoba kuseke kungesiyona ingane yakho leyo esephusheni.
  • Uma uphupha kunomuntu okushaya ngamatshe uthi uyabaleka akulandele ngamatshe. Uze uphaphame engakushayanga uwavikela. Kuyingozi uma like lakushaya: Kusuke kukhona umuntu ekuphonsa ngesiphonso samatshe, unetshe akhuluma kulona. Ebusuku athi hamba uyoshaya usibanibani.
  • Uma uphupha umuntu ekulengise eweni elishona phansi elimnyama: usuke efuna ukuthi ulimale. Kulokhu kusuke sekufanele nawe uzibhekele ngokuthola usizo kubelaphi bendabuko ngoba ngelinye ilanga uyokulengisa akudedele.
    Iziphonso zensizwa uma ifuna ukuthandwa yintombi
    Kuyenzeka kube khona insizwa ethanda intombi kanti iyayesaba ize isabe ngisho ukukutshela ngemizwa yayo. Noma intombi ayiyithathi njengomuntu abangathandana nayo. Noma intombi iyasatshwa izinsizwa ithi insizwa uma ikhuluma nalentombi ivele isabe ubuqhikiza bayo ngoba kukhona izintombi emakhaya ezizikhulumela uze usabe ngisho kwawena uyinsizwa. Insizwa ibone kungcono ukuthi iyiphonse intombi ngoba isuke ifuna ukuthi igcine isingumakoti ohamba egcekeni lakubo. Insizwa isebenzisa umuthi, ukukhafula intombi. Intombi izolokhu iphupha ithandana nalensizwa kwakheke nothando entombini. Noma ingasaphuphi ithi ikha amanzi emfuleni ibone ibuso bale nsizwa. Isuke leyonsizwa iphonsa intombi kodwa kahle. Ngoba ayingenwa imimoya emibi ihambe iyolala kubo kwensizwa.

8 thoughts on “Amaphupho okuphonswa noma okusongelwa”

  1. Sanibona mina ngingumuntu ophuphayo amanye ngiyakwazi kuzichazela wona noma ngibuze ngawo kodwa amanye ayangehlula njengaleli lomchamo wami omningi kodwa onganuki ngingena kuwo ngezinyawo ugcwele indishi bese sengiqedile kufaka izinyowo mele ngiyowuchitha ngehla izitebhisi uchitheke ngesule kubekhona othi awunuki okwamanje lowomchamo kodwa uzonuka mawunga washi lezinto owesula ngazo ngiphapheme sengiziwashile ngensipho. Ngabe lokhu kuchazani

    Reply
  2. Ninjani ekuseni,bengicela ukubuza yokuphupha ulandelwa ngigijimiswa inyoka emva kwakwalokho uma ingthola ngivele ngzwe ngomlilo sengisha ngzlamulele ngokucosha into ngyphonse phezulu ingyeke,ngithe uma sengizophapha yaphenduka ucc wami lenyoka

    Reply
  3. Mina ngiwumuntu ophuphakakhulu kodwa incazelo yalamaphupho angiyazi ,ngiphupha inkomo eziningi ezibomvu nezimhlophe , ziningi ngedlela emangalisayo ngiphakathikwazo uma ngisamangele ngibone umkhulu kuzo lezo inkomo, ngicela ningicasisele leliphupho

    Reply

Leave a Reply