Amaphupho Okunqoba

Kubalulekile ukuthi uma uphupha iphupho izikhathi eziningi ukwazi ukulandele ukuthi lichaza ukuthini. Lelophupho lisuke likhuluma into ezokwenzeka, futhi kubalulekile ukuthi ukwenze okushiwo kulo. Ukuphupha izinto ezimbi njalo akuyona into enhle ngoba kusuke kunobungozi phakathi. Isikhathi esiningi amaphupho ayamaniswa namadlozi ukuthi yiwona asuke ekhuluma nawe. Kunenkolelo yokuthi uma ukwenza lokho akutshela khona uba nezinhlanhla futhi ayafika njalo kuwena akuvikele uma ubhekene nezingqinamba. Uma usukwenzile lokho okudingekayo namaphupho owaphupha ngalesosikhathi akhombisa ukunqoba kwakho.

  • Uma uphupha ulwa nomnakwenu noma ekudunusela: Lokhu kuchaza ukuthi usuke ekade ekufaka isichitho futhi ekudlula endodeni ngaso usichitho. Kodwa uma usuphupha umshaya uze umhlule usuke usumhlulile kuyona yonke imikhuba yakhe emibi. Naleyonto akade ekusebenzisela yona isuke ingeke isasebenza.
  • Uma uphupha ulwa nomuntu akuhlule, uma ungowesilisa uhlulwa ngumuntu wesifazane noma owesifazane uhlulwa ngumuntu wesilisa: Usuke ulwa nesilwane, isilwane asifani ubulili baso nesalowomuntu esithunywe kuye. Kodwa uma usuphupha umhlula lowomuntu usuke usumnqobile. Abanye abantu babanenhlanhla yokubona ukuthi isilwane esithunyiwe ngoba siyazishintsha njengokuthi uma usishaya ephusheni kungumuntu ongamazi uma umhlula uyashintsha azenze ingane yakho noma umuntu wakini uma uqhubeka usishaya sigcina sesiyisilwane. Uma usishaye size sife usuke usunqobile ngeke siphinde sikuhluphe. Lamaphupho uyakwazi ukuwaqeda ngokusebenza imithi yesintu noma umkhuleko uma ungumuntu okholelwa emthandazweni.
  • Uma uphupha kwakhiwa indlu ngokushesha ubone isiphelile bese uthatha ithuluzi ekade kwakhiwa ngalo uyibhidlize leyondlu: Usuke unqobe isifo noma into embi ebizovela emndenini wakho noma kuwena uqobo. Indlu uma uyiphupha iphelile noma yakhiwa ngokushesha kusuke kukhona umuntu ozoshona. Kodwa uma uyibhidlizile ngeke kusenzeka.
  • Uma uphupha kukhona izinto zakho ezilahlekayo uthi uyazibheka awuzitholi. Noma uphucwe into osuke uyiphethe ngesandla. Kwesinye isikhathi uphuphe uthi uphethe amacici amabili lilahleke elilodwa okunye izinkinobho zengubo oyigqokile zilahleke ungazitholi. Kuthi ekugcineni uphuphe uzithola noma kukhona izwi elithi nazi izinto noma izimpahla zakho lokho kusho ukuthi usukunqobile okubi noma lowo obefuna ukuthatha izinhlanhla zakho.
  • Uma uphupha umuntu okwenza izinto ezimbi noma ekushalazela angahlangani amehlo akho nawakhe futhi esendaweni emnyama. Kokunye akhulume akutshele okubi abefuna ukukwenza nesizathu salokho. Lomuntu aze akutshele ukuthi amandla ayamphelela ngoba izinto zakhe azisebenzi. Usuke engeke esakwenza lutho namandla akhe asuke esephelile. Ngesinye isikhathi usuke lowomuntu eqinile futhi izangoma ziyamtshela ukuthi idlozi lakubo limvikele.

217 thoughts on “Amaphupho Okunqoba”

  1. Ngicela ukubuza kusho ukuthini ukuphupha udla inyama yenkomo eyosiwe uhlezi nomuntu osesikhundleni sokuba inkosi kodwa yena engayidli

    Reply
  2. Sawubona ngicela ukubuza kuchazani ukuphupha nisendlini niyacula kodwa ngathi kunesdumbu endlini ngathi mina ngisaba ukuqala iculo ngiyokhuluma phambili njengabanye

    Reply
  3. Bengicela ukubuza ukuthi kuqonde ukuthini ukuphupha uMakoti kamalume ekithi egcekeni ehamba echela umuzi.mengithi ngiyakhulum achele nami ngingabe ngisakwa ukukhulum plz help

    Reply
  4. Sanibona,ngicela ukubuza kuchaza ukuthini ukupha nijahwa abantu abaningi Nani nibaleka nibaningi nize nithole imoto bagcine benganitholanga.

    Reply
  5. Sanibonani bengisacela ukubuza ukuthi kuchazani ukuphuma uma ngiphuphe umuntu engithandana Naye ekhulelwe kodwa ingane kungeyona eyami

    Reply
    • Ukuphupha umuntu ekhulelwe noma isisu sakhe aidumbile okubonakalayo, lokho kusho ukuthi kukhona inkulumo ekhona efihlakele ekufanele ivele (inhlambuluko) kungengenzeka ukuba ingaye iqondene naye uqobo ngoba wena uthi embonweni wakho bekungathi akusiso esakho isisu, oshukuthi le iqondene naye gqo, okunye kungenzeka ukuba ukhulelwe ngempela futhi yebo ku njengoba ubonisiwe ukuthi ingane/isisu akusiso esakho, khumbula kukhona ukuphupha lokho ukubona into ecashile edinga incazelo/ukuhlaziwa kokunye uthole isambulo into engadinge nakuchazwa osuke utshelwa abakini/isithunywa sakho.

      Reply
  6. Sanibonani kusho kuthini kuhlale uphupha abantu bwkucosha befuna u kukubulala kodwa abakutholi… Nokuphupha ukorobha ibala… Igceke

    Reply
  7. Sanibonani

    Bengicela ukuhlaziyelwa naliphupho, ngphuphe umngani e drawer imali eningi yamaphepha kodwa mina wanginika encane bese ngazibona ngihola ibutho siya empini kodwa mina ngihola kanjena ngise muva kwe butho lam bese ngabe sengithi sihlasele kodwa kuba nokuzisola khona lapho ngasuka sengi gwaza ohola elinye ibutho esilwa nalo, ngaphaphama

    Reply
  8. Sanibona ngicela ukubuza kusho ukuthini uma uphupha ulwa nomuntu wesifanzane ongamazi umshaye aze adele?

    Reply
  9. Kusho ukuthin ukuphupha amanzi amhlophe agelezayo uthi uyafika nomuntu wakho avele abe mnyama. No kuphupha izindlu zakwa gogo eziningi uhleli kweyodwa encane

    Reply
  10. Sanbona Ngiphuphe ies yami ngikubo kujatshulwe futhi umawakhe wangibiza ngokoti ngzothola sengpheka ipapa

    Kuqondeni lokhu

    Reply
  11. SANIBONANI

    CELA KUBUZA UMA UPHUPHA INGANE ENCANE ICOKE BLACK AND WHITE,
    IDLA IVOSI, KODWA NGAFIKA NGAYIPHUCA YABESE YANGIKWATELA

    Reply
  12. Ngibingelele.

    Ngabe kusho ukuthini ukuphupha umalume wakho osewashona, efike lapho ohlala khona, uma umbona uthuke lokho okokuthi kade wamugcina, uze umtshele ukuthi awusamazi, mase niyaxhawulana?

    Reply
  13. Sanibonani ngicela ukubuza kusho ukuthini ukuphupha usendlini kugcwele izintshishiboya indlu yonke kukhona one wazama ukuzibulala zaphuma into emhlophe ngathi ubisi
    Ngiyabonga

    Reply
  14. Ngiphuphe owayengumyeni wami eshonile ngathi ngyamubuka ebhokisini womile ngathi ushintse nebala umnyama

    Ngaphupha ngizithwebula isithombe ngefone kamngani wami koda masingibheka isithombe ngath akusiyimina

    Ngcela incazelo

    Reply
  15. Sanibonani

    Ngisacela ningisize ningichazele ngaleliphupho:

    Ngiphuphe sihamba ngoliyini, kuyimina ohamba ngaphambile kanye nendoda yomlungu. Abakade be hamba ngemuva kulolayini izingane ezingathi zineminuaka e8-9 years. Siye kwindawo engithi iyiwa kodwa elifishane. Ikhiphe induku engathi ubeqoqa ulwembu ngayo. Uthi asikhamise sidle izicabucabu. Ngibaleke uma ngibheka emuva izingane ziyavuma, ngiqhubeke Ngibaleke, ngivinjwe omunye okhipha esiyumbala omnyama kanye nobovu, ngase ngiphaphama

    Reply
  16. Anonymous

    Sani bonanani
    Ngi cela ucedo ngamaphupho ami
    1 ngi phuphe ngi sendlini yami ngi mile nabantwana bami omdala umfana una 14 omncane intombazana una 6 si bhekane ne bhubesi enflini kodwa lelo bhubesi linga si limaxi noma kusi thusa .
    Si sabheke njalo kwangena i tiger yone i thukuthele i sondela kuthi
    Ngabalekisa intombazana lomncane , uma ngi buyela kuyo landa umfana ngimthola i tiger imu beke phansi i hlafuna i nyawo lakhe nga i shaya ya baleka ne nyawo lonke,
    Ngamu guga ekhala wathi mama ngi beke phansi ngi ngcolile nga mutshela kuthi akuna nkinga wa qala uku zi phumela kakhulu ku ngi thela umzimba wonke nga cubeka noku mu guga ngimtshela kuthi anga thuki uzo phila .

    2 iphupho elesi bili ngi hleli no mame zala wami no babe zala seka dlula emhlàbeni , ubuza umame zala kuthi indlu ka gogo ise khona naa , u mame zala wa phundula kuthi isakhona.
    Nga zi bona sengi hlale no baba wakwami no mame zala ngi ba valelisa kuthi ngisaya ekhaya njengoba be ngi nga zizwa kahle . Ubaba wakwami wangi buza kuthi ngi hamba kanjani u babe zala anga ka buzi kuthi indlu ka gogo isa khona naa? Ngathi ngimzwile a buza umama .
    Wathi mina uma engi buza ngi thi cha ( no) indlu ka gogo ai sekho
    U babezala wa fika wa buza ngathi mjns cha(no) influ ka gogo ayi sekho , wathi u babe zala kulungile ngi buyele uku lungisa lokho
    Ngi cela u sizo bo gogo ingabe lama phupho asho kuthini?

    Reply
  17. Umauphupha ulwaNenkosi kodwa nise Mpini ithi yakukwagwaza kubehuwena uyigwaza Ngomkhonto ife kuchazani?

    Reply
  18. Sanibona. Ngcela ukwazi kusho ukuthini ukuphupha udokotela wakho omhambayo. Ngphinde ngaphupha ngiphakela izinkukhu

    Reply
  19. Sanibona ngicela ukubuza kuchaza ukthini ukphupha umngane wakho ageza ngamanzi obugeza ngawo esengcolile bese yena awathethe ageze ngawo…..Ngaphinde ngaphupha indiya lingipha imali eyamaphepha mina ngaythatha ngaybheka endlini Yami ngabuye ngaphupha ngithenga kwindiya ngilinikha imali eyamaphepha. Ngabe achaza ukuthinin lamphupho

    Reply
  20. Sanibona ngicela ukubuza kuchaza ukthini ukphupha umngane wakho ageza ngamanzi obugeza ngawo esengcolile bese yena awathethe ageze ngawo…..Ngaphinde ngaphupha indiya lingipha imali eyamaphepha mina ngaythatha ngaybheka endlini Yami ngabuye ngaphupha ngithenga kwindiya ngilinikha imali eyamaphepha. Ngabe achaza ukuthinin lamphupho

    Reply
  21. Sanibona Ngicela ukubuza kusuke kwenzakalani muvele uzumeka fast kungene iphupho Uthi uzama ukuvuka kufike manje ubuthongo loqale iphupho uphuphe engathi usesigodlweni kuno Baba VVO Mkhize no gogo Sthole kungathi bakhuluma no Gogo ohlezi phanzi oshuqulile bamuchazela ngepandi okumele ayisebenzise bakhuluma sakulekelelana.
    2.ngaphupha ngathi ngisendlini ngilele ngibone ngekhanda elicane lenyoka eluhlaza ewindini ilunguza ngaphakath endlini ngikhombe ngithi k umuntu oseceleni kwami embedeni uyayibona lenyoka athi yena cha iphi
    ezisithe ubuso ngikhombe ngithi nansiyw ewindini, ivele igxume lenyoka ijombele embedeni ingishaye isadla ngithi ngiyaphenduka lomuntu akasekho..

    3.ngaphupha inhlwathi emhlophe enamabala othingo lenkosazane yasolwandle ihamba kancane ikhazimula imibala izakumina ngathuka ngapham

    Engisandakuliphupha ngiphuphe ngisjela umfana wakwamakhelwane umuthi kuze zilinge izinto zakhe kumele ayothwasa emfule uzophuma nenyoka khona azobe eyibelethile ezoba nethambo elimboze umsila elifana nebhangela Ilona azosebenza ngalo, kwavela kaqhamuka ikhehla elisonta ekuphakameni lathi Mina ngiya nini…
    Ngibonge ngisazophendulwa

    Reply
  22. Cela ukubuza ukuthi Uma umile etsheni inja ifike ichamele kulelo litshe omekulo kuchaza ukuthini?

    Reply
  23. Ndicela ekubuza xa uphupha ukowenu utshayela endlini enkulu kuze kube nenkunkuma eninzi kodwa la kweli phupha ulungiselela uba kuzohlala abantu kuselwe utywala besintu.

    Reply
  24. ngicela ukubuza kuchazani ukuphupha baba wakho ophilayo egqoke ischathulo esidala ngaka left esisha ngaka right

    Reply
  25. Ngiphuphe ngine Moto entsha ngithengelwe ilo engithandana naye kodwa ngacishe ngabasengozini ngishayela nhiphuze amponjwana sengizumekile ugwaqo uqhephukile ngihambisana ngomngani wam sisemotweni yam.ngabese ngishayela ngendlela ewrong after ngavijwa amaphoyisa afuna licence ngoba imoto ibilimele ne windi elingaphambili. Kanti ahamba nabantu afuna ukuzongena emotontwen esiya ngandawonye nabo kukhona noyedwa okwazi ukushayela wabese eshayela

    Reply
  26. Sanibona ngicela ukubuza lichazani leliphupho sengiliphuphe insuku ezimbili zilandelana. Ngosuku lokuqala ngiphuphe usisi wam omdala elwa nami nomama ekhaya kodwa ngagcina ngokumhlula ngaphaphama. Ngosuku lwesibili mesihleli ekhaya sibase umlilo omkhulu angsakhumbuli kahle ukuthi kwenzekeni kodwa usisi wam ngibone eseshitshile wangathi uyisilwane elwa nathi ngamubamba ngamthandazela wabuyila esimeni sakhe wabagcono. Leliphupho lingiphatha kabi ngicela ukubuza lichazani? Igama lam nguNomah

    Reply
  27. Sanibona. Ngiphupha amaphupho amaningi. Ngiphuphe ngilunywa yinyoka eluhlaza ngathi yinhlwathi. Nagphupha isitha sami singigijimisa

    Reply
  28. Sanibona. Ngicela ukwazi kuchazani ukuphupha ngishayela imoto ebese iphelelwa amaBrakes kodwa ingashayisi, ilokhu ihamba ebese ngiphaphama?

    Reply
  29. kusho ukuthini ukuphupha umalume wakho owashona kudala ekunikeza inombolo noma iadress ekubhalela yona ephepheni

    Reply
  30. ngiphuphe ngiya ekhaya so mangingen umama waphum be ambulance so ngahlal angaz angayaph ngiyobhek umzala so mangimuthol ubenabanye abant so bese ethi lo omunye y ngila umama esesibhedlel coz ufun ukukhulum

    Reply
  31. Ang’bingelele , ngcela uk’buza ukuth uma ulokh uphupha into ekulahlekele njenge-cellphone kepha kungekho muntu okhulumayo kwiphupho noma obonakalayo futhi ingekho ezandleni ?

    Reply
  32. Sanibonani cela ukubuza kuchazani ukuphupha ujahwa njalo kuhlezi kungabantu besilisa noma ugijimiswa sekukaningi ngifikelwa ileli phupho kodwa namhlanje lingifake emzini wenyanga noma umuntu osebenza ngabantu. Ngiyabonga

    Reply
    • Khumalo! Nina enahlula abeSuthu, noShaka engazange abehlule! Maqhaw’ amakhulu! Yiphupho eliphindandiyo yini leli? Yini enye eyenzeka kuleliphupho? Kungasiza ukwanda ngoba kungakhanyisa ukuthi ngabe leliphupho belimayelana nani.

      Reply
  33. Sanibonani

    ngicela ukubuza kuchazani ukuphupha udubula ubulala abantu abekade bakwebele ubathole, bese uyabadubula bangafi uze ubaqedele ngokubakhanda ngamathse kuze kube ima befa. isibhamu sona nginaso ukwenze ukuth lingihluphe lephupho

    Reply
  34. Sanibonani. ngicela ukubuza ngabe lamaphupho engiwaphuphayo achazani.

    1. Ngiphuphe ngimi eceleni komfula kwavuleka amanzi ngangena phakathi avaleka ngavela sengivela kwelinye izwe elingaphansi kwamanzi kodwa nalo lelozwe linelanga kuyafana nje nalapha emhlabeni esiphila kuwona.

    2. Ngiphuphe ngime emanzini angathi ixhaphozi emva kokuna kwezulu, mangithi ngibuka la emanzini kubonakala amafu ne dragon ihlezi phezu kwefu iyangibuka. ngivele ngithuke ngokukhulu ukwesaba ngihluleke nokubheka phezulu ngibone lento engibhekile.

    3. Ngiphuphe ngisendleleni kungathi ngenzelwa umcimbi, ngithinte amathwasa angithungela ubuhlalo ngiwatshele ukuthi ubuhlalo bami babuthunge babenze bube nezingalo ezimbili uhlangothi nohlangothi bese buba nemilenze emine uhlangothi nohlangothi.

    4 Ngaphupha ngibaleka ngigijinyiswa izilwane zasendle sezingifica zizongibamba kwaqhamuka amanzi amakhulu avele agcwala uhlaba asimboza ngaphakathi kwangathi sisolwandle kodla ecwebile ngakhuphuka ngaze ngafika phezulu.

    Reply
    • Iningi lamaphupho owabalulayo athintene namanzi ngezindlela ezahlukahlukene, bese elilodwa iphupho lona lithinte izindaba zamathwasa. Ngizokunika izincazelo esinazo ngamaphupho athinta amanzi nokuthwasa, kodwa indlela olubeka ngayo udaba, ikakhulukazi uma kuwukuthi lamaphupho ayakuhlupha ngokuphindaphinda into efanayo, mhlawumbe usizo kumelwe ulufune kwezinye izindawo ezingaphezu kolwazi esinalo kulenkundla. Kulenkundla sikhuluma ngokuvulekile, kodwa kubukeka sengathi amaphupho akho adinga kunakekelwe izidingo zakho ngokukhethekile. Bheka isizinda okholelwa kusona, noma ngabe yinkolo noma ngabe yisintu, uthole khona usizo. Nazi izigatshana ongathola kuzo ezinye izincazelo. Bheka lapha ngokuphupha ngamanzi: https://iafrika.org/izizathu-eziningi-zokuthi-uphuphe-ngamanzi/ Nalapha futhi: https://iafrika.org/amaphupho-ngamanzi/. Lapha uzothola ngamathwasa: https://iafrika.org/ubungoma/

      Reply
      • Sanibonani, ngicela usizo kulamaphupho amabili. Elokqala ngaphupha umuntu ebingithandana naye, ekhuluma nami… Kodwa mina ngingamphenduli, aze angibize ngesthakazelo sakithi, angitshele ukuthi akangizondi. Elesbili, ngamphupha lo ebengithandana naye sihamba naye ngemoto yakhe, kukhona no mngane wakhe omkhulu okuyena o-driver lemoto. Kodwa futhi njengoba ngihamba naye it seems as if sixabane. Bese engehlesa la engiyakhona, imoto ihlehlele kimi ingilimaze idolo, aphume ethi uzongiphephisela mina ngimxoshe, ngiphaphame. Ngiyabonga

        Reply
  35. Cela ukubuza ukuchazani ukuphupha uxabana nomndeni wakho bese uyaduba uhambe ngemoto. Emvakwalokho ususestolo uyathenga.?

    Reply
  36. Ngicela ukubuza, ukuthi kusho ukuthini ukuphupha bekugwaza ngemimese amanxeba amaningi kepha ungafi

    Reply
  37. Ngicela ukubuza ukuthi kusho ukuthini ukuphupha bekugwaza ngemimese amanxeba amaningi impela kepha ungafi.

    Reply
  38. Ngicela ningisize lapha, ngiphuphe nginabantu endlini yakithi kodwa labantu ngathi banokudimoni… Uma ngithi ngiyakhuleka, izwi aliphumi… Ngize ngiphaphame. Ekseni ngivuke nephupho ngibalekela umuntu weslisa, ngiphethe ingane, ngi jumper ama fence omakhelwane ngibaleka. Ngiyabonga

    Reply
  39. Ndiphupha ekhaya kusenziwa umsebenzi kukho abantu abaninzi kuyaphithizela kukhona abahleli nasebuhlanti den kuzo vela utatomkhulu esiti mandimenzel I tea kusenjalo abuze inyama.
    Liyaphinda phinda ke elipupha.
    Lisho kutini

    Reply
  40. Kusho ukuthini ukuphupha umuntu ongathandani naye kodwa ephupheni nigcine senithandana, ngalo lolosuku enithandana ngalo avele ashone kusemnandi, nizikhiphile. Sengiliphuphe kabili leliphupho. Okokuqala bekuwumuntu engingamazi Kodwa ngatshengiswa igama nesbongo, okwesibili bekuwumuntu engimaziyo kodwa esingajwayelene

    Reply
    • Kungalekelela uma usho ukuthi uphuphe umbulala ngani noma kanjani lowomuntu – umshayile? umklinyile? umdubulile? umgwazile? Ake unikeze ulwazi oluthe xaxa.

      Reply
  41. ngicela ukbuza ukuth kuchazani ukuthi uzwe ngabantu besfazane abaningi abahlukene bekutshela ukuthi bayakuphupha mebelele? labantu besifazane bengibazi phambilini empilweni.

    Reply
  42. Cela kubuza kusho kuthini kuphupha usebenza ekhaya okokuqala ngiphuphe ngiphakela bantu kudla abaningi ngathi umsebenzi okwesibili ngiphupha ngi cleaner ekhaya nomama wami ongasekho sikhipha eningi imfucuza le

    Reply
  43. Cela kubuza kusho kuthini kuphupha usebenza ekhaya okokuqala ngiphuphe ngiseva bantu abaningi ukudla neziphuzo okulandelayo ngiphuphe ngicleaner endlini nomama wami ongasekho sikhipha iningi imfucuza le

    Reply
  44. Kusho ukythini ukuphupha ulwandle olu blue kodwa luthukuthele lumukisa abantu. Mina bengingaphezulu kwalo zange ngimuke or ngiphephuke kodwa lomkhumbi ubusugcwele amanxi abanyu sebemukile sengizama indlela yokuphuma lehlanulaka ngaphaphama?

    Reply
  45. Kusho ukuthini ukuphupha isithandwa sakho ohlukene naso. Sikuthembisa ukuthi sizokuthengela izimpahla ezintsha sinohambo?

    Reply
  46. Cela Bandla Ukbuza Mangabe uphupha umkhulu nogogo sebashona bethi kwena Ungaphuzisi umkhulu utshwala kucaza ini loko

    Reply
  47. kusho ukuthini ukuphupha ulwa nomfowenu, akushaye yeno kodwa wena mawkuthi uyaphindisela isibhakela sambe kancaaaaaane

    Reply
  48. Cela ukubuza kusho ukuthini ukuphupha ngendlu(umkhukhu) endala, ewela kumina ingivale umlomo ngize ngicishe ukufa.

    Reply
    • Incazelo yephupho lakho ingebe ncamashi ngokulandela imininingwane eminingi esephusheni lakho. Okucaca bha kuleliphupho lakho wukuthi uphunyuke esimweni esinzima, lapho ucisha ufa. Ngabe lokho kusho ukuthi khathazeka ngezindaba zokufa? Thola impendulo ekuthini yimaphi amaphupho asikisela izimo zokufa. Bheka lapha: https://iafrika.org/amaphupho-okufa/

      Reply
  49. Ngihlushwa umzala wami esakhula sonke uhlezi ajabule nami ngikhulume Nate akufikenje ukuthi akasekho size silale nje impela njalo engathi ngiphila naye

    Reply
  50. kuchaza ini ukuphupha inyoka encane, emhlophe nomsila obrown, lenyako ipheli thatwa ngaba fana ababini. Andikho sure noba ngama coloured or abantu abamhlophe

    Reply
  51. Mine ngnephupho elingi hluphako ngphupha nghlala ngkha ma orange lapho ngsuke ngna gogo wami

    Reply
  52. Mina ngifuna ukubuza ngephuphe elingihluphayo njalo ngiphupha ngitshayela imoto emhlophe kungabe yini le

    Reply
  53. Cela ukubuza Uma u mfazi wakho ephupha ingane engaka zalwa ube yena ezithwele kuze kube kathathu.. Ngabe kusho kuthini lokho?!

    Reply
  54. Kusho ukuthini ukuphupha uBaba wakho ose neminyaka engaphezu ka 5 esashona umphuphe evukile mauthi uyamvulela endlini niyamamukela kahle niyizingane zakhe banganivumeli abantakwabo bathi akaphindiselwe ethuneni lakhe kodwa nibe nimbona nina esaphila engafanga?please help me

    Reply
  55. Ngcela incazelo yaleliphupho ngisacela nguphuphe ubaba sewashona eqoke izinto ezingancacile ufuna ukungishaya ngenvubu engibuza ukuthi ngiphumaphi ngayibamba invubu hawu baba ngathinihlonipha nginithanda uyakwazi lokho ngasengavuka

    Elinye ngaphupha umakoti ease Khaya ethi. Angimkhiphe ukwethu ukhandangavuma mana

    ????????

    Reply
  56. Kusho ukuthini ukuphupha ingane yasisi wakho ilahlekile bese uyayibheka uma uyibheke uvele ujahwe ibhubesi uma lithi liyakubamba uvele uthandaze bese kukhuluma izwi phezulu kodwa ungezwa ukuthi lithini bese liyakuyeka ibhubesi

    Reply
  57. Kusho ukuthini ukuphupha umuntu wakini ongasekho ethokozile kodwa ungamboni emehleni kubesangathi umbonile kodwe mawubuyekeza iphupho kubangathi awzange umbone

    Reply
  58. Ndiphupha ubaba kudala washona ngathi usekhaya ulele kuleli room wayelala kulo wandinika 52rand wathi ndikeze bhuti wam athenge gusha zibe ngu 14

    Reply
  59. Ngicela ukubuza kusho ukuthini ukuphupha ugogo ozala umama egqoke ingubo zasesontweni ephethe ibible ehleka kodwa ngithe ngiqhamuka wasethula engibuka kahlangana amehlo kodwa ngase ngishalaza.

    Reply
  60. Ukuphupha amagundwane amancane amaningi amanye ngihleli phezu kwawo amanye agcwele yonke indawo endlini

    Reply
  61. Ngiphuphe umuntu owangishela kudala ,sangathandana ethi ngifuna ugade umndeni Wami ,nezingane zami ,ngoba uyangiziba sengizofika la usebenza khona ngizoku cela khona mnje

    Reply
  62. ngiphuphe ngithwele iizimpahla zami sengathi ngyohlala kwenyindawo , bekukhona umnganam obengithuthisa but indlela besihamba kuyo bingeyinhle kodwa sikwazile kufika emgwaeni okhanyayo

    Reply
  63. Ngiphuphe umuntu engizwana Naye engibuza Ukuthi Uma efuna ukuyongilobola Kumele atshele bani Ngoba ngi namakhaya amabili

    Reply
  64. Sanibonanani mina ngiphupha ngizikakela ngibuye ngiphuphe ngyeskolen ngibhala ngbuye ngphuphe ngisehlathini ngisukelwa inyoka enkulu kodwa ngingayboni ngizwa umsindo nje lamaphupho ayangihlupha kakhulu ngcela ningisize ngezincazelo zawo ngyabonga

    Reply
  65. mina ngphuphe abakithi abashona kudala sihleli sonke,ngabona nomfowethu ngithi kuye,,,mina bathe wena ushonile,wathi yena lutho angishonile,,ngabona nezinombolo kwathiwa ngifonele lapho,,,angazi kusho ukuthini loko,ngabona nomma ongasekho

    Reply
  66. Ngiphuphe umntanami wentombazane edlalisa inyoka emnyama egcekeni lakomalume,ngaphosa inhlabathi ngith ngiyayibulala ngayibona isingena endlini mangithi ngiyabheka ngabona khona ugogo wami ozala umama ongasekho ehleli kusofa sonke sibabaza inyonka wavele yena umntanami waphosa it she wayichofoza ikhanda.

    Reply
  67. Kusho ukuthini ukuphupha amathwasa ekunika ibhakede eth iya kumuzi othile ubeke lento esebhakedeni ngaphambi komnyango nangasenhla komizi.

    Kusho ukuthini ukuphupha izinkomo eziningi zimi ndawonye.

    Kuningi engikuphuphayo,kodwa akucaci.

    Reply
  68. Sengphuphe KANINGI ngiphupha ngolwandle ngithi uma ngsendel eduze ludinwe lfune ukungthatha okokqala lalungcolile klokhu okunye lsuke luclean koda lisuke lunolaka. Kokunye ngat mangbuza kumunt oseduzane ukt kwenzakalan waphendula wathi ungasondeli ulwandle aluzwani nomunt ongcolile,konke lokhu ksayiphupho kuthe izolo ngaphupha sengat amawele ayakwiliza koda ubuso buvelile emvakweskhath aphuma efake izinto ezimnyama kwajatshulwa kwangat abuya kofundela ubungoma khona olwandle. Ngsacela ukwazi ukt konke lokhu kusho ukuthin

    Reply
  69. Uma uphupha uthandana nomuntu omaziyo futh ongamjwayele kusuke kunjan noma uphupha kungena amanzi endlin akumboze umzimba akushiye ikhanda kusuku kunjan

    Reply
  70. Xa uphupha umyeni wakho lo uhlala naye etshata umtshato omhlophe nomnye umntu kukho namahashe amhlophe anezkhoji.kusho ukthini?

    Reply
  71. ngiphupha ngigibele ngigibela izitebhisi uma sengizofika ngeqe izitebhisi esinye ngifike phezulu ngicishe ngiwe ngibanjwe omunye ubaba …nokuzwa kuhlatshelelwa kahle

    Reply
  72. Mina ngicela ukwazi uma ngiphupha ngimhlulile umnakwethu.kowa wamane wangivulela icala nalapho limchithe. Ingabe lichazani elam iphupho. Ngoba nendoda iyangiziba vele

    Reply
    • Kusho ukuthuni ukuphupha utetisa umuntu ozithwele nimile bese mawuthi uyayinqaka ingane iphunyuke ingabambeki???

      Reply
    • kusho ukuthini ukuphupha izimoto ezimhlophe eziningi kuthiwa ezakho uze wabele abakukhulisile

      Reply
          • Sanibona

            Bengicela ukubuza ukuthi if u phupha uhamba nama ex class mate uwakhapha ningene endlini endala Nd kunabantu abahlala lapho Kodwa kunopotsho oludlulela lapho o ex class mate be hlala khona. Manje masifika kulendlu endala kunamagudwane amaningi bawele bona mina ngithi ngiyawela kulopotsho kuvele kudibike ngivele ngigitshelwe amagudwane emqolo wami amancane amaningi ngizame ukuwasusa ngithi ngiyabuyela futhi aphinde ahlale emqolo ngizame ukuwasusa kusale 1 or 2 emqolo ngivele ngisabe ukuwela ngoba kunamagudwane amaningi bese ngiyavuka.

Leave a Reply