Kubalulekile ukuthi uma uphupha iphupho izikhathi eziningi ukwazi ukulandele ukuthi lichaza ukuthini. Lelophupho lisuke likhuluma into ezokwenzeka, futhi kubalulekile ukuthi ukwenze okushiwo kulo. Ukuphupha izinto ezimbi njalo akuyona into enhle ngoba kusuke kunobungozi phakathi. Isikhathi esiningi amaphupho ayamaniswa namadlozi ukuthi yiwona asuke ekhuluma nawe. Kunenkolelo yokuthi uma ukwenza lokho akutshela khona uba nezinhlanhla futhi ayafika njalo kuwena akuvikele uma ubhekene nezingqinamba. Uma usukwenzile lokho okudingekayo namaphupho owaphupha ngalesosikhathi akhombisa ukunqoba kwakho.
- Uma uphupha ulwa nomnakwenu noma ekudunusela: Lokhu kuchaza ukuthi usuke ekade ekufaka isichitho futhi ekudlula endodeni ngaso usichitho. Kodwa uma usuphupha umshaya uze umhlule usuke usumhlulile kuyona yonke imikhuba yakhe emibi. Naleyonto akade ekusebenzisela yona isuke ingeke isasebenza.
- Uma uphupha ulwa nomuntu akuhlule, uma ungowesilisa uhlulwa ngumuntu wesifazane noma owesifazane uhlulwa ngumuntu wesilisa: Usuke ulwa nesilwane, isilwane asifani ubulili baso nesalowomuntu esithunywe kuye. Kodwa uma usuphupha umhlula lowomuntu usuke usumnqobile. Abanye abantu babanenhlanhla yokubona ukuthi isilwane esithunyiwe ngoba siyazishintsha njengokuthi uma usishaya ephusheni kungumuntu ongamazi uma umhlula uyashintsha azenze ingane yakho noma umuntu wakini uma uqhubeka usishaya sigcina sesiyisilwane. Uma usishaye size sife usuke usunqobile ngeke siphinde sikuhluphe. Lamaphupho uyakwazi ukuwaqeda ngokusebenza imithi yesintu noma umkhuleko uma ungumuntu okholelwa emthandazweni.
- Uma uphupha kwakhiwa indlu ngokushesha ubone isiphelile bese uthatha ithuluzi ekade kwakhiwa ngalo uyibhidlize leyondlu: Usuke unqobe isifo noma into embi ebizovela emndenini wakho noma kuwena uqobo. Indlu uma uyiphupha iphelile noma yakhiwa ngokushesha kusuke kukhona umuntu ozoshona. Kodwa uma uyibhidlizile ngeke kusenzeka.
- Uma uphupha kukhona izinto zakho ezilahlekayo uthi uyazibheka awuzitholi. Noma uphucwe into osuke uyiphethe ngesandla. Kwesinye isikhathi uphuphe uthi uphethe amacici amabili lilahleke elilodwa okunye izinkinobho zengubo oyigqokile zilahleke ungazitholi. Kuthi ekugcineni uphuphe uzithola noma kukhona izwi elithi nazi izinto noma izimpahla zakho lokho kusho ukuthi usukunqobile okubi noma lowo obefuna ukuthatha izinhlanhla zakho.
- Uma uphupha umuntu okwenza izinto ezimbi noma ekushalazela angahlangani amehlo akho nawakhe futhi esendaweni emnyama. Kokunye akhulume akutshele okubi abefuna ukukwenza nesizathu salokho. Lomuntu aze akutshele ukuthi amandla ayamphelela ngoba izinto zakhe azisebenzi. Usuke engeke esakwenza lutho namandla akhe asuke esephelile. Ngesinye isikhathi usuke lowomuntu eqinile futhi izangoma ziyamtshela ukuthi idlozi lakubo limvikele.
Kutshoni ukuphupha umuntu owambona Kanye kudala kodwa ehlala ekhuluma lawe sonke iskhathi ubona lama message akhe esiza kuwe njalo nje
SiyiNhlangano YamaKrestu eyakhiwe ukusiza abantu abadinga usizo, njengosizo lwezezimali. Ngakho-ke uma ubhekene nobunzima bezezimali noma unobuhixihixi bezezimali, futhi udinga imali yokuqala ibhizinisi lakho, noma udinga ukubolekwa imali khokhela izikweletu zakho noma ukhokhe izikweletu zakho, qala ibhizinisi elihle, noma ukuthola kunzima ukuthola imali ebolekiwe emabhange endawo, xhumana nathi namuhla nge-imeyili (LARRYMAXWELLFUNDS@GMAIL.COM) ngoba ibhayibheli lithi”” Luka 11:10 Wonke ocelayo uyaphiwa; ofunayo uyathola; nalowo ongqongqozayo uyovulelwa umnyango”Ngakho-ke ungalivumeli lelithuba likudlule ngoba uJesu unguye izolo, nanamuhla, naphakade.
Ngiyanibingelela
Abaphathi
I-imeyili : (larrymaxwellfunds@gmail.com)
Hi Ngicela ukubuza kusho ukuthini ukuphupha uphelelwa ngamandla
Cofa lapha ukuthola impendulo Amaphupho ngokugula
Kuthini ukuphupha umuntu omaziyo efunwa ngamaphoyisa
Cofa lapha ukuthola impendulo Amaphupho ngamaphoyisa
Kuthini ukuphupha amadoda amazing engena la uhlala khona?
Cofa lapha ukuthola impendulo Amaphupho ngamadoda angaganiwe
Ekhaya, ngicela ukubuza, kusho ukuthini ukuphupha utshela ubaba wantwana ukuthi usazohlupheka akakahlupheki.
Cofa lapha ukuthola impendulo Amaphupho okuphonswa noma okusongelwa
Ukuphupha uxabana nomuntu wasekhaya komalume osewashona kuchazani
Cofa lapha ukuthola impendulo Ukuphupha abantu abangasekho emhlabeni
Amaphupho ngomndeni nezihlobo
cel ukbuza kusho ukthin ujkuphupha izinyoka eziningi
Cofa lapha ukuthola impendulo Amaphupho ngenyoka
Kusho ukuthini ngphuphe ngizobanjwa ikunzi but ngajika ngoba kukhona ongithiphisile. Ngadubula abantu abawu2 kuqala amebengikhombe ngezibhamu washona oyedwa omunye waya esbhedlela
Cofa lapha ukuthola impendulo Amaphupho ngesibhamu
UKUPHUPHA ISILWANE ESIMHLOPHE ASINGENAMEHLO KUCHAZA UTHINI
Ungabheka lapha ngamaphupho ezilwane, https://iafrika.org/tag/izilwane/
Kusho ukuthini ukuphupha uxabana nomama okuzalayo
Cofa lapha ukuthola impendulo Amaphupho ngomama
Ayikho impendulo
Kusho ukuthin ukuphupha uhujwa isgebengu sikufuna imali uvaleke uzibone ungasagqokile
Cofa lapha ukuthola impendulo Amaphupho ngokubanqunu
Ngicela ukubuza ukuthi kusho ukuthini ukuphupha muntu omaziyo eya kwi interview esefeyile Kane.
Cofa lapha ukuthola ulwazi Amaphupho ngokwehlulwa
Cela ningicazele uma uphuphe uthandandaza kodwa ukhala bese ubone isandla sishaya phansi kathathu bese uphaphame
Cofa lapha ukuthola impendulo Amaphupho ngomthandazo
Ngiphuphe intombi yam Siya nayo e sontweni
Cofa lapha ukuthola impendulo Amaphupho ngesonto
Ngicela ubukubuza ukuphuphelwa umuntu ubhabhadiswa bese kuvela sengigqoke iduku elimhlophe
Cofa lapha ukuthola impendulo Amaphupho ngokubhabhadiswa
Sanbonan celaukbuza kuchaza ukuthin ukuth benglele kwaba khona into engibambayo ngangakhon kwenzan ngakhuleka ngathi Uma ngibheka khona lapho ngabona izion ezigqoke uwhite no blue ziningi zigwaba zicula
Cofa lapha ukuthola impendulo Amaphupho ngesonto
Ngiphuphe sengathi ngihamba nabazali bami izulu lina kakhulu sengath ngikhumbula ukuth kukhona engikukhohliwe lapha esiphuma khona ngijike ngafika endlin endala yodaka sengath kukhona umzala wam osashana nomyeni wakhe indlu isabeka kungath izokuwa ,waphuma ucc wam wangiphelezela sengiphethe izingane ezincane ezimbili siwela izikhukhula ezisabekayo,ngithe masengidlulile kwaqhamuka ubabawezingane ehamba ngemoto wangthethisa esikaza ukungshayisa ngemoto ngaze ngawela odakeni
Cofa lapha ukuthola ulwazi Amaphupho ngesimo sezulu nesibhakabhaka
Sacela ukubuza kuchazani ukuphupha aunt wakho eya kwi interview.
Mina angisebenzi yena aunt uyasebenza
Cofa lapha ukuthola impendulo Amaphupho ngomsebenzi
Sawbona ngaphupha sengathi sihambise imbuzi emzini ngazala ingane yangaphandle ngale kokuhlukana nengangithandana naye. Ngith ngizoxolisa wakho kuzomele ungishaye ukuze angixolele kwabe sengiyaphaphama
Cofa lapha ukuthola impendulo Amaphupho ngembuzi
Ndicela ubuza mawuphupha isilwa nabesilisa ababini ubanqobe xa liphela phupa ubone ikati ezimbini zisitsha eskolweni?
Cofa lapha ukuthola incazelo Amaphupho ngokulwa
Nalapha: Amaphupho ngekati
Sawbona ngicela ukunuza okusho ukuthtini ukuphupha uyocela uxolo emzini uhamba nabakini ngoba uthume ingane okungasiyona abasemzini. Ngamshiyangale kokuxabana ngathola ingane kwenyeindawo futhi angiluzwa uthando lwakhe ngizizwa ngiphelelwe la sengikhona
Ngiphuphe u cc wami engimlamayo ephuma iselesele khanda ngabe kusho kuthini lokho?
Cofa lapha ukuthola ulwazi Amaphupho ngeselesele (ixoxo)
Ngicela ukubuza kuchazani ukuphupha uhlupheka
Ngicela ukubuza kuchazani ukuphupha ushaya umlungu uze umkinya, umthembise ukumbulala?
Cofa lapha ukuthola impendulo Amaphupho ngokushaya
Uma uphupha abantu bekubuza iminyaka yakho kusho ukuthini
Ngicela ukubuza kusho ukuthini ukuphupha udla inyama yenkomo eyosiwe uhlezi nomuntu osesikhundleni sokuba inkosi kodwa yena engayidli
Cofa lapha ukuthola impendulo Amaphupho ngenyama yenkomo
Ukuphupha udla inyama isifo leso
Sawubona ngicela ukubuza kuchazani ukuphupha nisendlini niyacula kodwa ngathi kunesdumbu endlini ngathi mina ngisaba ukuqala iculo ngiyokhuluma phambili njengabanye
Sawubona ngicela ukubuza kuchazani ukuphupha amaphela egcwele phezulu kombhede
Bengicela ukubuza ukuthi kuqonde ukuthini ukuphupha uMakoti kamalume ekithi egcekeni ehamba echela umuzi.mengithi ngiyakhulum achele nami ngingabe ngisakwa ukukhulum plz help
Cofa lapha ukuthola incazeloAmaphupho ngokukhuluma
Sanibona,ngicela ukubuza kuchaza ukuthini ukupha nijahwa abantu abaningi Nani nibaleka nibaningi nize nithole imoto bagcine benganitholanga.
Cofa lapha ukuthola incazelo Amaphupho ngemoto
Usuke uphunyulile ogibeni obewubekelwe lona, unqobile.
Kusho ukuthini uma uphupha uthatha umuntu wesifazane isithombe?
SYABONGA NGOLWAZI OLUNZULU
Sacela kusiza ngephupho eliqale ngathi kufika umfowethi endlini sizolalisana sibe bathathe kungcine sesihamba ngemoto engathi siya emshandweni but kodwa liyanetha kubekhona a badlala induku omunye ashayeke ingozi siphinde same kulemoto eyiveni kuyashibilika but Mina bengingawi
Sacela kubuza muphupha kuboshwa umfowenu ebanjwa nebhamu obumbabhise sona nawe usithathekumuntu wangakini kungcine amaphoyise as ethi akabaphopho afuna imali loothathekuyena isbjamu afike hambe nge wheelchair enokulimala nasebusweni kuthi kunjalo phakathi endlini kuphume umndeni wakho wakomalume cos uzalelwe ekhaya engathi bebehlangene bezibusela
Nalu ulwazi esinalo ngalokhu, https://iafrika.org/amaphupho-ngokuboshwa/
Cofa lapha ukuthola impendulo.
https://iafrika.org/amaphupho-ngemvula/
https://iafrika.org/amaphupho-ngemoto/
ngicela ukubuza ngiphuphe ngikhala ngabe kusho ukuthini
Nalu ulwazi esinalo ngalokhu https://iafrika.org/amaphupho-ngokuzwa-ukukhala/
Sanibonani bengisacela ukubuza ukuthi kuchazani ukuphuma uma ngiphuphe umuntu engithandana Naye ekhulelwe kodwa ingane kungeyona eyami
Cofa lapha ukuthola ulwazi ngephupho lakho https://iafrika.org/amaphupho-ngokukhulelwa/
Ukuphupha umuntu ekhulelwe noma isisu sakhe aidumbile okubonakalayo, lokho kusho ukuthi kukhona inkulumo ekhona efihlakele ekufanele ivele (inhlambuluko) kungengenzeka ukuba ingaye iqondene naye uqobo ngoba wena uthi embonweni wakho bekungathi akusiso esakho isisu, oshukuthi le iqondene naye gqo, okunye kungenzeka ukuba ukhulelwe ngempela futhi yebo ku njengoba ubonisiwe ukuthi ingane/isisu akusiso esakho, khumbula kukhona ukuphupha lokho ukubona into ecashile edinga incazelo/ukuhlaziwa kokunye uthole isambulo into engadinge nakuchazwa osuke utshelwa abakini/isithunywa sakho.
Sanibonani kusho kuthini kuhlale uphupha abantu bwkucosha befuna u kukubulala kodwa abakutholi… Nokuphupha ukorobha ibala… Igceke
Cofa lapha ukuthola incazelo https://iafrika.org/amaphupho-ngokubulala/
Sanibonani
Bengicela ukuhlaziyelwa naliphupho, ngphuphe umngani e drawer imali eningi yamaphepha kodwa mina wanginika encane bese ngazibona ngihola ibutho siya empini kodwa mina ngihola kanjena ngise muva kwe butho lam bese ngabe sengithi sihlasele kodwa kuba nokuzisola khona lapho ngasuka sengi gwaza ohola elinye ibutho esilwa nalo, ngaphaphama
Cofa lapha ukuthola incazelo https://iafrika.org/ukuphupha-ngemali-kusho-ukuthini-ngempilo-yakho/
Ngicela ukubuza kusho ukuthini ukuphupha ulwandle lugubha amagagasi luphumela kithina bantu sibaningi nje luphume kusabise nje luchithekele ngaphandle lungahambi futh kakhulu ngoba alungithatha ngikotele endlini ezeduze lwaphinde lwahlehla futh labuyela esimeni lacweba nje kahle sajabula sekuryt sekuhambeka nje
Cofa lapha ukuthola ulwazi https://iafrika.org/amaphupho-ngolwandle/
Sanbona kuchazani ukphupha uxabana nomqashi wakho wase msebenzini
Sanibona ngicela ukubuza kusho ukuthini uma uphupha ulwa nomuntu wesifanzane ongamazi umshaye aze adele?
Nalu ulwazi esinalo ngalokhu https://iafrika.org/amaphupho-ngokulwa-2/
Kusho ukuthin ukuphupha amanzi amhlophe agelezayo uthi uyafika nomuntu wakho avele abe mnyama. No kuphupha izindlu zakwa gogo eziningi uhleli kweyodwa encane
Cofa lapha ukuthola ulwazi
https://iafrika.org/izizathu-eziningi-zokuthi-uphuphe-ngamanzi/
https://iafrika.org/amaphupho-ngamanzi/
Sanbona Ngiphuphe ies yami ngikubo kujatshulwe futhi umawakhe wangibiza ngokoti ngzothola sengpheka ipapa
Kuqondeni lokhu
SANIBONANI
CELA KUBUZA UMA UPHUPHA INGANE ENCANE ICOKE BLACK AND WHITE,
IDLA IVOSI, KODWA NGAFIKA NGAYIPHUCA YABESE YANGIKWATELA
Nalu ulwazi esinalo ngalokhu https://iafrika.org/amaphupho-ngezingane-ezincane/
Ngibingelele.
Ngabe kusho ukuthini ukuphupha umalume wakho osewashona, efike lapho ohlala khona, uma umbona uthuke lokho okokuthi kade wamugcina, uze umtshele ukuthi awusamazi, mase niyaxhawulana?
Nalu ulwazi esinalo ngalokhu https://iafrika.org/amaphupho-ngabantu-abangasekho-emhlabeni/
Sanibonani ngicela ukubuza kusho ukuthini ukuphupha usendlini kugcwele izintshishiboya indlu yonke kukhona one wazama ukuzibulala zaphuma into emhlophe ngathi ubisi
Ngiyabonga
Ngiphuphe owayengumyeni wami eshonile ngathi ngyamubuka ebhokisini womile ngathi ushintse nebala umnyama
Ngaphupha ngizithwebula isithombe ngefone kamngani wami koda masingibheka isithombe ngath akusiyimina
Ngcela incazelo
Nalu ulwazi esinalo ngalokho: https://iafrika.org/amaphupho-ngabantu-abangasekho-emhlabeni/
Sanibonani
Ngisacela ningisize ningichazele ngaleliphupho:
Ngiphuphe sihamba ngoliyini, kuyimina ohamba ngaphambile kanye nendoda yomlungu. Abakade be hamba ngemuva kulolayini izingane ezingathi zineminuaka e8-9 years. Siye kwindawo engithi iyiwa kodwa elifishane. Ikhiphe induku engathi ubeqoqa ulwembu ngayo. Uthi asikhamise sidle izicabucabu. Ngibaleke uma ngibheka emuva izingane ziyavuma, ngiqhubeke Ngibaleke, ngivinjwe omunye okhipha esiyumbala omnyama kanye nobovu, ngase ngiphaphama
Saniboni ngicela ukubuza kush ukuthin ukuphupha ugijima uqunu ujaha usisi wami osewashon
Anonymous
Sani bonanani
Ngi cela ucedo ngamaphupho ami
1 ngi phuphe ngi sendlini yami ngi mile nabantwana bami omdala umfana una 14 omncane intombazana una 6 si bhekane ne bhubesi enflini kodwa lelo bhubesi linga si limaxi noma kusi thusa .
Si sabheke njalo kwangena i tiger yone i thukuthele i sondela kuthi
Ngabalekisa intombazana lomncane , uma ngi buyela kuyo landa umfana ngimthola i tiger imu beke phansi i hlafuna i nyawo lakhe nga i shaya ya baleka ne nyawo lonke,
Ngamu guga ekhala wathi mama ngi beke phansi ngi ngcolile nga mutshela kuthi akuna nkinga wa qala uku zi phumela kakhulu ku ngi thela umzimba wonke nga cubeka noku mu guga ngimtshela kuthi anga thuki uzo phila .
2 iphupho elesi bili ngi hleli no mame zala wami no babe zala seka dlula emhlàbeni , ubuza umame zala kuthi indlu ka gogo ise khona naa , u mame zala wa phundula kuthi isakhona.
Nga zi bona sengi hlale no baba wakwami no mame zala ngi ba valelisa kuthi ngisaya ekhaya njengoba be ngi nga zizwa kahle . Ubaba wakwami wangi buza kuthi ngi hamba kanjani u babe zala anga ka buzi kuthi indlu ka gogo isa khona naa? Ngathi ngimzwile a buza umama .
Wathi mina uma engi buza ngi thi cha ( no) indlu ka gogo ai sekho
U babezala wa fika wa buza ngathi mjns cha(no) influ ka gogo ayi sekho , wathi u babe zala kulungile ngi buyele uku lungisa lokho
Ngi cela u sizo bo gogo ingabe lama phupho asho kuthini?
Umauphupha ulwaNenkosi kodwa nise Mpini ithi yakukwagwaza kubehuwena uyigwaza Ngomkhonto ife kuchazani?
Ngiphuphe ngisemnintiswaneni wokugijima bese nganqoba
Ng’yaxolisa ukubuza lapha.
Ngicela ukubuza kusho ukuthini ukuphupha ulala nodadewenu ongasekho emhlabeni?
Nalu ulwazi esinalo ngalokhu https://iafrika.org/amaphupho-ngocansi/?
Kushoukuthini ukuphupha uphiwa ingane yomfana bese ujabulwelwe Abantu abaningi ongabazi
Bengicela ukubuza kusho ukuthini uphupha uhlanya likujabulele likugona
Sanibona. Ngcela ukwazi kusho ukuthini ukuphupha udokotela wakho omhambayo. Ngphinde ngaphupha ngiphakela izinkukhu
Nalu esinalo ngalokho: https://iafrika.org/amaphupho-ngenkukhu/
Sanibona ngicela ukubuza kuchaza ukthini ukphupha umngane wakho ageza ngamanzi obugeza ngawo esengcolile bese yena awathethe ageze ngawo…..Ngaphinde ngaphupha indiya lingipha imali eyamaphepha mina ngaythatha ngaybheka endlini Yami ngabuye ngaphupha ngithenga kwindiya ngilinikha imali eyamaphepha. Ngabe achaza ukuthinin lamphupho
Nayi indaba esinayo ngalokho: https://iafrika.org/amaphupho-ngamanzi/
Sanibona ngicela ukubuza kuchaza ukthini ukphupha umngane wakho ageza ngamanzi obugeza ngawo esengcolile bese yena awathethe ageze ngawo…..Ngaphinde ngaphupha indiya lingipha imali eyamaphepha mina ngaythatha ngaybheka endlini Yami ngabuye ngaphupha ngithenga kwindiya ngilinikha imali eyamaphepha. Ngabe achaza ukuthinin lamphupho
Nalu ulwazi esinalo ngalokho: https://iafrika.org/amaphupho-ngamanzi/
Sanibona Ngicela ukubuza kusuke kwenzakalani muvele uzumeka fast kungene iphupho Uthi uzama ukuvuka kufike manje ubuthongo loqale iphupho uphuphe engathi usesigodlweni kuno Baba VVO Mkhize no gogo Sthole kungathi bakhuluma no Gogo ohlezi phanzi oshuqulile bamuchazela ngepandi okumele ayisebenzise bakhuluma sakulekelelana.
2.ngaphupha ngathi ngisendlini ngilele ngibone ngekhanda elicane lenyoka eluhlaza ewindini ilunguza ngaphakath endlini ngikhombe ngithi k umuntu oseceleni kwami embedeni uyayibona lenyoka athi yena cha iphi
ezisithe ubuso ngikhombe ngithi nansiyw ewindini, ivele igxume lenyoka ijombele embedeni ingishaye isadla ngithi ngiyaphenduka lomuntu akasekho..
3.ngaphupha inhlwathi emhlophe enamabala othingo lenkosazane yasolwandle ihamba kancane ikhazimula imibala izakumina ngathuka ngapham
Engisandakuliphupha ngiphuphe ngisjela umfana wakwamakhelwane umuthi kuze zilinge izinto zakhe kumele ayothwasa emfule uzophuma nenyoka khona azobe eyibelethile ezoba nethambo elimboze umsila elifana nebhangela Ilona azosebenza ngalo, kwavela kaqhamuka ikhehla elisonta ekuphakameni lathi Mina ngiya nini…
Ngibonge ngisazophendulwa
Cela ukubuza ukuthi Uma umile etsheni inja ifike ichamele kulelo litshe omekulo kuchaza ukuthini?
Nalu esinalo ngalokho: https://iafrika.org/amaphupho-ngezinja-nezinkomo/
Ndicela ekubuza xa uphupha ukowenu utshayela endlini enkulu kuze kube nenkunkuma eninzi kodwa la kweli phupha ulungiselela uba kuzohlala abantu kuselwe utywala besintu.
Nanti indaba esinayo ngalokho: https://iafrika.org/utshwala-besizulu/
Kusho kutsini kuphupha Bantu longazange sewubabone.
ngicela ukubuza kuchazani ukuphupha baba wakho ophilayo egqoke ischathulo esidala ngaka left esisha ngaka right
Nalu esinalo ngalokho: https://iafrika.org/amaphupho-ngezicathulo/
Ngcela kubuza kuchazani kuphupha indoda yakho ikini kunomsebenzi kini
Ngiphuphe ngine Moto entsha ngithengelwe ilo engithandana naye kodwa ngacishe ngabasengozini ngishayela nhiphuze amponjwana sengizumekile ugwaqo uqhephukile ngihambisana ngomngani wam sisemotweni yam.ngabese ngishayela ngendlela ewrong after ngavijwa amaphoyisa afuna licence ngoba imoto ibilimele ne windi elingaphambili. Kanti ahamba nabantu afuna ukuzongena emotontwen esiya ngandawonye nabo kukhona noyedwa okwazi ukushayela wabese eshayela
Nanku esinalo ngalokho: https://iafrika.org/amaphupho-ngemoto/
Sanibona ngicela ukubuza lichazani leliphupho sengiliphuphe insuku ezimbili zilandelana. Ngosuku lokuqala ngiphuphe usisi wam omdala elwa nami nomama ekhaya kodwa ngagcina ngokumhlula ngaphaphama. Ngosuku lwesibili mesihleli ekhaya sibase umlilo omkhulu angsakhumbuli kahle ukuthi kwenzekeni kodwa usisi wam ngibone eseshitshile wangathi uyisilwane elwa nathi ngamubamba ngamthandazela wabuyila esimeni sakhe wabagcono. Leliphupho lingiphatha kabi ngicela ukubuza lichazani? Igama lam nguNomah
Ngamaphupho ngokulwa, bheka lapha: https://iafrika.org/amaphupho-ngokulwa-2/ Umlilo ephusheni ungasho lokhu, bheka lapha: https://iafrika.org/amaphupho-ngomlilo/ Lapho uphupha uthandaza kungasho lokhu: https://iafrika.org/amaphupho-ngomthandazo/
Uma uphupha umuntu omaziyo ehlile emzimbeni kusho ukuthini ?
Sanibona. Ngiphupha amaphupho amaningi. Ngiphuphe ngilunywa yinyoka eluhlaza ngathi yinhlwathi. Nagphupha isitha sami singigijimisa
Lapho uphupha ngenyoka eluhlaza: https://iafrika.org/amaphupho-ngenyoka-eluhlaza/ Uma kuyinhlwathi ophupha ngayo, nansi incazelo esinayo: https://iafrika.org/amaphupho-ngenhlwathi/
Ngiphuphe ngihleli emkhukhwini nezingane zami. Umkhukhu omubi ongathi awakhiwe kahle ngixakekile unezimbobo naphezulu.
Sanibona. Ngicela ukwazi kuchazani ukuphupha ngishayela imoto ebese iphelelwa amaBrakes kodwa ingashayisi, ilokhu ihamba ebese ngiphaphama?
Lapho uphupha usemotweni, nansi incazelo esinayo: https://iafrika.org/amaphupho-ngemoto/
Ngicela ukubuza ukuthi kusho ukuthini uphupha ulwa nabantu ubahlule kuze abanye futhi ubahlula abanye ubahlula ngokuthi sebenzise izikhali ubadubula abanye ubagwaza, lokhu usempini nje mawunqoba omunye kuza omunye nawe kube khona la abakudubula khona kodwa mangithi ngiyazibuka akuvel negaz alikho.
Nalu ulwazi esinalo ngamaphupho ngokulwa: https://iafrika.org/amaphupho-ngokulwa-2/
Sanibonani, khona iphupho engibe nalo, ngiphuphe amajuba amhlophe amabili womanizing bewanamaqhanda kodwa umaiphupho liqhubeka amaqanda aphuka?
Lapho uphupha amaqanda: https://iafrika.org/amaphupho-ngamaqanda/
Ukuphupha ulwa nomfazi kafwenu
Nansi incazelo esinayo yamaphupho ngokulwa: https://iafrika.org/amaphupho-ngokulwa-2/
Sanibonani ngiphuphe ngigibele imbongolo ngabe kuchazani
Nayi indaba esinayo ngalokho: https://iafrika.org/izimbongolo/
Ukuphupha umuntu evora I computer
Ulwazi esinalo olucishe lusondele yilolu lwendawo yokusebenza, bheka lapha: https://iafrika.org/amaphupho-ngendawo-yokusebenza/
Ukuphupha umuntu egqoke kahle
Ulwazi esinalo ngokuphupha ngokugqoka yilolu: https://iafrika.org/amaphupho-ngengubo-yokugqoka-yabesifazane/
kusho ukuthini ukuphupha umalume wakho owashona kudala ekunikeza inombolo noma iadress ekubhalela yona ephepheni
Nansi incazelo esinayo lapho uphupha umuntu ongasekho emhlabeni: https://iafrika.org/amaphupho-ngabantu-abasebafa/
ngiphuphe ngiya ekhaya so mangingen umama waphum be ambulance so ngahlal angaz angayaph ngiyobhek umzala so mangimuthol ubenabanye abant so bese ethi lo omunye y ngila umama esesibhedlel coz ufun ukukhulum
Nazi izithakazelo zakho kwaZulu: https://iafrika.org/izithakazelo-zakwazulu/
Ang’bingelele , ngcela uk’buza ukuth uma ulokh uphupha into ekulahlekele njenge-cellphone kepha kungekho muntu okhulumayo kwiphupho noma obonakalayo futhi ingekho ezandleni ?
Sanibonani cela ukubuza kuchazani ukuphupha ujahwa njalo kuhlezi kungabantu besilisa noma ugijimiswa sekukaningi ngifikelwa ileli phupho kodwa namhlanje lingifake emzini wenyanga noma umuntu osebenza ngabantu. Ngiyabonga
Khumalo! Nina enahlula abeSuthu, noShaka engazange abehlule! Maqhaw’ amakhulu! Yiphupho eliphindandiyo yini leli? Yini enye eyenzeka kuleliphupho? Kungasiza ukwanda ngoba kungakhanyisa ukuthi ngabe leliphupho belimayelana nani.
Yebo lihlezi libuya njalo Kodwa abantu besilisa kuphela and baningi
Sanibonani
ngicela ukubuza kuchazani ukuphupha udubula ubulala abantu abekade bakwebele ubathole, bese uyabadubula bangafi uze ubaqedele ngokubakhanda ngamathse kuze kube ima befa. isibhamu sona nginaso ukwenze ukuth lingihluphe lephupho
Dumakude! Mdima! Nansi incazelo esinayo ngokuphupha ngesibhamu, bheka lapha: https://iafrika.org/amaphupho-ngesibhamu/ Ubonile nje ukuthi kulenkundla kunezithakazelo zesibongo sakini kwaShange? Bheka lapha: https://iafrika.org/izithakazelo-zakwashange/
Ngicela kubuza kusho kuthini ukuziphupha usesikoleni
Nazi izincazelo, bheka lapha: https://iafrika.org/amaphupho-ngesikole/ Nalapha: https://iafrika.org/amaphupho-ngemfundo/ Uma ukhuluma ngesikole samazinga aphezulu amayunivesithi, bheka futhi nalapha: https://iafrika.org/amaphupho-ngeyunivesithi/
Sanibonani. ngicela ukubuza ngabe lamaphupho engiwaphuphayo achazani.
1. Ngiphuphe ngimi eceleni komfula kwavuleka amanzi ngangena phakathi avaleka ngavela sengivela kwelinye izwe elingaphansi kwamanzi kodwa nalo lelozwe linelanga kuyafana nje nalapha emhlabeni esiphila kuwona.
2. Ngiphuphe ngime emanzini angathi ixhaphozi emva kokuna kwezulu, mangithi ngibuka la emanzini kubonakala amafu ne dragon ihlezi phezu kwefu iyangibuka. ngivele ngithuke ngokukhulu ukwesaba ngihluleke nokubheka phezulu ngibone lento engibhekile.
3. Ngiphuphe ngisendleleni kungathi ngenzelwa umcimbi, ngithinte amathwasa angithungela ubuhlalo ngiwatshele ukuthi ubuhlalo bami babuthunge babenze bube nezingalo ezimbili uhlangothi nohlangothi bese buba nemilenze emine uhlangothi nohlangothi.
4 Ngaphupha ngibaleka ngigijinyiswa izilwane zasendle sezingifica zizongibamba kwaqhamuka amanzi amakhulu avele agcwala uhlaba asimboza ngaphakathi kwangathi sisolwandle kodla ecwebile ngakhuphuka ngaze ngafika phezulu.
Iningi lamaphupho owabalulayo athintene namanzi ngezindlela ezahlukahlukene, bese elilodwa iphupho lona lithinte izindaba zamathwasa. Ngizokunika izincazelo esinazo ngamaphupho athinta amanzi nokuthwasa, kodwa indlela olubeka ngayo udaba, ikakhulukazi uma kuwukuthi lamaphupho ayakuhlupha ngokuphindaphinda into efanayo, mhlawumbe usizo kumelwe ulufune kwezinye izindawo ezingaphezu kolwazi esinalo kulenkundla. Kulenkundla sikhuluma ngokuvulekile, kodwa kubukeka sengathi amaphupho akho adinga kunakekelwe izidingo zakho ngokukhethekile. Bheka isizinda okholelwa kusona, noma ngabe yinkolo noma ngabe yisintu, uthole khona usizo. Nazi izigatshana ongathola kuzo ezinye izincazelo. Bheka lapha ngokuphupha ngamanzi: https://iafrika.org/izizathu-eziningi-zokuthi-uphuphe-ngamanzi/ Nalapha futhi: https://iafrika.org/amaphupho-ngamanzi/. Lapha uzothola ngamathwasa: https://iafrika.org/ubungoma/
Sanibonani, ngicela usizo kulamaphupho amabili. Elokqala ngaphupha umuntu ebingithandana naye, ekhuluma nami… Kodwa mina ngingamphenduli, aze angibize ngesthakazelo sakithi, angitshele ukuthi akangizondi. Elesbili, ngamphupha lo ebengithandana naye sihamba naye ngemoto yakhe, kukhona no mngane wakhe omkhulu okuyena o-driver lemoto. Kodwa futhi njengoba ngihamba naye it seems as if sixabane. Bese engehlesa la engiyakhona, imoto ihlehlele kimi ingilimaze idolo, aphume ethi uzongiphephisela mina ngimxoshe, ngiphaphame. Ngiyabonga
Ngiphuphe inyama yempangele enonile kushoni
Nansi incazelo esinayo ngokuphupha izinyoni, bheka lapha: https://iafrika.org/amaphupho-ngezinyoni/
Cela ukubuza ukuchazani ukuphupha uxabana nomndeni wakho bese uyaduba uhambe ngemoto. Emvakwalokho ususestolo uyathenga.?
Bheka nalu ulwazi lapho uphupha uhamba ngemoto: https://iafrika.org/amaphupho-ngemoto/ Sinolwazi lapho uphupha uthenga endalini, bheka lapha: https://iafrika.org/amaphupho-ngokuthenga/
Kusho ukuthini ukuphupha uhamba endleleni yesizulu?
Nansi incazelo esinayo lapho uphupha uhamba ngendlela yesizulu, bheka lapha: https://iafrika.org/amaphupho-ngendlela/
Ngicela ukubuza, ukuthi kusho ukuthini ukuphupha bekugwaza ngemimese amanxeba amaningi kepha ungafi
Ake ubheke nazi izigatshana ezichaza ngalapho uphupha khona usesimweni sengozi njengokugwazwa nokusetshenziswa kommese: https://iafrika.org/amaphupho-ngengozi-nokulimala/ Bheka nalapha futhi: https://iafrika.org/amaphupho-ngenhlamvu/ Kanye nalapha: https://iafrika.org/amaphupho-ngommese/
Ngicela ukubuza ukuthi kusho ukuthini ukuphupha bekugwaza ngemimese amanxeba amaningi impela kepha ungafi.
Ake ubheke nazi izigatshana ezichaza ngalapho uphupha khona usesimweni sengozi njengokugwazwa nokusetshenziswa kommese: https://iafrika.org/amaphupho-ngengozi-nokulimala/ Bheka nalapha futhi: https://iafrika.org/amaphupho-ngenhlamvu/ Kanye nalapha: https://iafrika.org/amaphupho-ngommese/
Ngicela ningisize lapha, ngiphuphe nginabantu endlini yakithi kodwa labantu ngathi banokudimoni… Uma ngithi ngiyakhuleka, izwi aliphumi… Ngize ngiphaphame. Ekseni ngivuke nephupho ngibalekela umuntu weslisa, ngiphethe ingane, ngi jumper ama fence omakhelwane ngibaleka. Ngiyabonga
Gwala, Mphephethwa, Nyawozimhlophe ngokunyathela izihlabathi zolwandle! Ake ubheke nalu ulwazi esinalo ngesimo lapho ubhekene khona nengozi, funda lapha: https://iafrika.org/amaphupho-ngengozi-nokulimala/
Uma fakelwe isichitho emntwini ojola naye angakufuni funeka usikhuphe njani
Ndiphupha ekhaya kusenziwa umsebenzi kukho abantu abaninzi kuyaphithizela kukhona abahleli nasebuhlanti den kuzo vela utatomkhulu esiti mandimenzel I tea kusenjalo abuze inyama.
Liyaphinda phinda ke elipupha.
Lisho kutini
Kusho ukuthini ukuphupha umuntu ongathandani naye kodwa ephupheni nigcine senithandana, ngalo lolosuku enithandana ngalo avele ashone kusemnandi, nizikhiphile. Sengiliphuphe kabili leliphupho. Okokuqala bekuwumuntu engingamazi Kodwa ngatshengiswa igama nesbongo, okwesibili bekuwumuntu engimaziyo kodwa esingajwayelene
Ake ubheke nazi izincazelo, ikakhulukazi isigaba sokugcina lapho insizwa ifuna ukuthandwa yintombi, funda lapha: https://iafrika.org/amaphupho-okuphonswa/
Ngicela ukubuza kuchazani ukuphupha ingane yakho encane ishonile?
Lapho uphupha umuntu oshonile, bheka lapha: https://iafrika.org/amaphupho-ngezidumbu/
Ngcela kubuta kutsi kuchaza ktsini kutibona ubulala muntfu ngendlela lebhlungu?
Kungalekelela uma usho ukuthi uphuphe umbulala ngani noma kanjani lowomuntu – umshayile? umklinyile? umdubulile? umgwazile? Ake unikeze ulwazi oluthe xaxa.
Sawbona mhleli nginamaphupho angihluphayo lapha , sekuphele cishe iviki ngiphupha ngakha kepha angize ngiqede into engiyakhayo.okungithusa kakhulu namuhla ekseni ngiphuphe umngcwabo kababa ngigcine sekulungiswa indawo okuzongenza kuyo ibhokishi ,kuthe kusenjalo yena wafika sakhuluma naye waqoqa Bonke abafowethu bahlanganyela Kimi fakhuluma ngaze ngakhala
Nansi incazelo esinayo ngamaphupho ngobaba, bheka lapha: https://iafrika.org/amaphupho-ngobaba/ Nalu ulwazi esinalo ngamaphupho lapho kuhlangana khona umndeni, funda lapha: https://iafrika.org/amaphupho-ngokuhlangana-komndeni/
ngicela ukbuza ukuth kuchazani ukuthi uzwe ngabantu besfazane abaningi abahlukene bekutshela ukuthi bayakuphupha mebelele? labantu besifazane bengibazi phambilini empilweni.
Liyaphindaphinda yini leliphupho noma uphuphe kanye nje? Yini enye oyibonayo noma eyenzakalayo kuleliphupno lakho? Impendulo yakho ingasiza ukunemba incazelo yephupho lakho. Ubonile nje ukuthi kulenkundla sinezithakazelo zakwaShange? Bheka lapha: https://iafrika.org/izithakazelo-zakwashange/
Cela kubuza kusho kuthini kuphupha usebenza ekhaya okokuqala ngiphuphe ngiphakela bantu kudla abaningi ngathi umsebenzi okwesibili ngiphupha ngi cleaner ekhaya nomama wami ongasekho sikhipha eningi imfucuza le
Nalu ulwazi esinalo ngamaphupho okuhlanza, bheka lapha: https://iafrika.org/amaphupho-ngokuhlanza/
Cela kubuza kusho kuthini kuphupha usebenza ekhaya okokuqala ngiphuphe ngiseva bantu abaningi ukudla neziphuzo okulandelayo ngiphuphe ngicleaner endlini nomama wami ongasekho sikhipha iningi imfucuza le
Nalu ulwazi esinalo ngamaphupho okuhlanza, bheka lapha: https://iafrika.org/amaphupho-ngokuhlanza/
Kusho ukythini ukuphupha ulwandle olu blue kodwa luthukuthele lumukisa abantu. Mina bengingaphezulu kwalo zange ngimuke or ngiphephuke kodwa lomkhumbi ubusugcwele amanxi abanyu sebemukile sengizama indlela yokuphuma lehlanulaka ngaphaphama?
Nalu ulwazi esinalo lapho uphupha ngolwandle, bheka lapha: https://iafrika.org/amaphupho-ngolwandle/ Siyawubonga umbuzo wakho “Msongi wensimbi ishisa uyibeke ekhanda wenzele amagwala ukuthi abaleke!” Phela lezi ingxenye nje yezithakazelo zakho Jobe, uthi bewazi nje ukuthi sinazo? Bheka lapha: https://iafrika.org/izithakazelo-zakwasithole/
Kuchaza ukuthini ukuphupha ingane encane igibela kuwe uhlezi nowakwakho
Bheka nalu ulwazi esinalo ngokuphupha ingane: https://iafrika.org/amaphupho-ngezingane-ezincane/
Kusho ukuthini ukuphupha isithandwa sakho ohlukene naso. Sikuthembisa ukuthi sizokuthengela izimpahla ezintsha sinohambo?
Ake ubheke nansi incazelo ngamaphupho okuphonswa: https://iafrika.org/amaphupho-okuphonswa/
Cela Bandla Ukbuza Mangabe uphupha umkhulu nogogo sebashona bethi kwena Ungaphuzisi umkhulu utshwala kucaza ini loko
Sacela ukbuza ngabe kusho ukthin uphupha enezilonda emlenzeni?
Bheka lapha: https://iafrika.org/amaphupho-ngamathumba/
kusho ukuthini ukuphupha udla amakhekhe
Nalu ulwazi esinalo lokuphupha udla amakhekhe: https://iafrika.org/amaphupho-ngekhekhe/
kusho ukuthini ukuphupha ulwa nomfowenu, akushaye yeno kodwa wena mawkuthi uyaphindisela isibhakela sambe kancaaaaaane
Lapho uphupha ulwa nomfowenu: https://iafrika.org/amaphupho-ngokulwa-2/
Cela ukubuza kusho ukuthini ukuphupha ngendlu(umkhukhu) endala, ewela kumina ingivale umlomo ngize ngicishe ukufa.
Incazelo yephupho lakho ingebe ncamashi ngokulandela imininingwane eminingi esephusheni lakho. Okucaca bha kuleliphupho lakho wukuthi uphunyuke esimweni esinzima, lapho ucisha ufa. Ngabe lokho kusho ukuthi khathazeka ngezindaba zokufa? Thola impendulo ekuthini yimaphi amaphupho asikisela izimo zokufa. Bheka lapha: https://iafrika.org/amaphupho-okufa/
Ngihlushwa umzala wami esakhula sonke uhlezi ajabule nami ngikhulume Nate akufikenje ukuthi akasekho size silale nje impela njalo engathi ngiphila naye
Kusho ukuthini ukuphupha udlala nengane
Ulwazi esinalo oluthinta amaphupho ngabantwana yilolu: https://iafrika.org/amaphupho-ngabantwana/
ngiphuphe ngisesikhathini kodwa kungelona ilanga lokuya
kuchaza ini ukuphupha inyoka encane, emhlophe nomsila obrown, lenyako ipheli thatwa ngaba fana ababini. Andikho sure noba ngama coloured or abantu abamhlophe
Ake siqale-ke ngokuthi inyoka oyiphuphayo inamabala amhlophe nansuku, bheka lapha: https://iafrika.org/amaphupho-ngenyoka-ensundu/ Bese-ke sengeza ngolunye ulwazi oluthinta ukuphupha ngezinyoka, nalu: https://iafrika.org/amaphupho-ngenyoka/
Kusho ukuthini ukuphipha umuntu egwazwa ngomunye kodwa futhi awubazi bobabili lababantu.
Ulwazi esinalo oluqondene nalapho ulwa nomuntu noma yena ekushaya, bheka lapha: https://iafrika.org/amaphupho-ngokulwa-2/
Mine ngnephupho elingi hluphako ngphupha nghlala ngkha ma orange lapho ngsuke ngna gogo wami
Nalu ulwazi esinalo uma umuntu ephupha evuna izithelo: https://iafrika.org/amaphupho-ngokuvuna/ Ugogo wakho usekhona yini emhlabeni noma sewadlula? Yena usuke enzani ephusheni lakho?
Mina ngifuna ukubuza ngephuphe elingihluphayo njalo ngiphupha ngitshayela imoto emhlophe kungabe yini le
Nalu ulwazi esinalo ngokuphupha ushayela imoto: https://iafrika.org/amaphupho-ngemoto/
kuchaza ini ukuphupha ulamula mngan wakho mese uyadubuleka emhlane kodwa ungafi
Sawubona Nozipho. Nalu ulwazi esinalo oluthuthinta ingozi nokulimala noma ucishe ulimale: https://iafrika.org/amaphupho-ngengozi-nokulimala/
Ngiphuphe ngiwina imali yangaphandle inguhlweza
Nalu olunye ulwazi ngokuphupha imali ewuhlweza: https://iafrika.org/ukuphupha-ngemali-ewuhlweza-kusho-ukuthini/
Cela ukubuza Uma u mfazi wakho ephupha ingane engaka zalwa ube yena ezithwele kuze kube kathathu.. Ngabe kusho kuthini lokho?!
Ulwazi esinalo ngamaphupho athintene nokukhulelwa uzoluthola esigabeni sesibili salelikhasi: https://iafrika.org/amaphupho-okufa/
Kusho ukuthini ukuphupha usolapha umntu ogulayo
Nalu ulwazi olungakusiza ukuhlaziya amaphupho: https://iafrika.org/mayelana-namaphupho-osikweni-lwesizulu/
Kusho ukuthini ukuphupha uBaba wakho ose neminyaka engaphezu ka 5 esashona umphuphe evukile mauthi uyamvulela endlini niyamamukela kahle niyizingane zakhe banganivumeli abantakwabo bathi akaphindiselwe ethuneni lakhe kodwa nibe nimbona nina esaphila engafanga?please help me
Kusho ukuthini ukuphupha owesifazane onqunu (engagqokile)
Ukuphupha umuntu enqunu kusho ukuthi uzohlubuka
Mhlawumbe izincazelo ungazithola lapha kulamaphupho achaza ngobunqunu: https://iafrika.org/?s=nqunu
Ngcela incazelo yaleliphupho ngisacela nguphuphe ubaba sewashona eqoke izinto ezingancacile ufuna ukungishaya ngenvubu engibuza ukuthi ngiphumaphi ngayibamba invubu hawu baba ngathinihlonipha nginithanda uyakwazi lokho ngasengavuka
Elinye ngaphupha umakoti ease Khaya ethi. Angimkhiphe ukwethu ukhandangavuma mana
????????
Ngcube ngiphuphe ngibulala abantu ababini abemizi engafani
Kusho ukuthini ukuphupha ingane yasisi wakho ilahlekile bese uyayibheka uma uyibheke uvele ujahwe ibhubesi uma lithi liyakubamba uvele uthandaze bese kukhuluma izwi phezulu kodwa ungezwa ukuthi lithini bese liyakuyeka ibhubesi
Kushoni ukuphupha amalahle
Kusho ukuthini ukuphupha umuntu wakini ongasekho ethokozile kodwa ungamboni emehleni kubesangathi umbonile kodwe mawubuyekeza iphupho kubangathi awzange umbone
Ndiphupha ubaba kudala washona ngathi usekhaya ulele kuleli room wayelala kulo wandinika 52rand wathi ndikeze bhuti wam athenge gusha zibe ngu 14
Kushoni ukuphupha usisi wami ekhala egqoke impahla ezimhlophe ngobala
Kusho ukthini ukuphupha ikati elimnyama eliselincane liphama ngaphasi kombhede?
kusho ukuthini ukuphupha igundane
Ungabheka lapha: https://iafrika.org/amaphupho-ngegundane/
Kusho ukuthini ukuphupha indoda yakho imanzi umzimba wonke
Kutsho kuthin ukuphapha uleli nomuntu?
Kusho ukuthini Ukuphupha isithandwa sakho siphethe ingane encane sihamba nomnakwethu.
Ngicela ukubuza kusho ukuthini ukuphupha ugogo ozala umama egqoke ingubo zasesontweni ephethe ibible ehleka kodwa ngithe ngiqhamuka wasethula engibuka kahlangana amehlo kodwa ngase ngishalaza.
kusho ukuthin ukuphupha ikati ulishaya uze ulinyathele ngonyawo
Ukuphupha amagundwane amancane amaningi amanye ngihleli phezu kwawo amanye agcwele yonke indawo endlini
Ngiphuphe umuntu owangishela kudala ,sangathandana ethi ngifuna ugade umndeni Wami ,nezingane zami ,ngoba uyangiziba sengizofika la usebenza khona ngizoku cela khona mnje
Kusho ukthin ukuphupha nizwana kakhulu nomnakwenu ongakufuni nhlobo
ngiphuphe ngithwele iizimpahla zami sengathi ngyohlala kwenyindawo , bekukhona umnganam obengithuthisa but indlela besihamba kuyo bingeyinhle kodwa sikwazile kufika emgwaeni okhanyayo
Ngicela kwazi ngiphuphe ngiphethe ingane encane kushoni
usuzoteta
Ngiphume umuntu engizwana Naye ethi Uma efuna ukuyongilobola Kumele atshele bani ,
Ngiphuphe umuntu engizwana Naye engibuza Ukuthi Uma efuna ukuyongilobola Kumele atshele bani Ngoba ngi namakhaya amabili
Kusho ukuthini ukuziphupha ushonile ungcwatshwa ugibele imoto yase mortuary emhlophe
ai zyawshaya boi
Siyanibongela, aziwushaye! Ubonile nje ukuthi leyo naleyo nkomo yamalobolo inegama layo? Bheka lapha: https://iafrika.org/izinkomo-zamalobolo/
Sanibonanani mina ngiphupha ngizikakela ngibuye ngiphuphe ngyeskolen ngibhala ngbuye ngphuphe ngisehlathini ngisukelwa inyoka enkulu kodwa ngingayboni ngizwa umsindo nje lamaphupho ayangihlupha kakhulu ngcela ningisize ngezincazelo zawo ngyabonga
mina ngphuphe abakithi abashona kudala sihleli sonke,ngabona nomfowethu ngithi kuye,,,mina bathe wena ushonile,wathi yena lutho angishonile,,ngabona nezinombolo kwathiwa ngifonele lapho,,,angazi kusho ukuthini loko,ngabona nomma ongasekho
Ngiphuphe umntanami wentombazane edlalisa inyoka emnyama egcekeni lakomalume,ngaphosa inhlabathi ngith ngiyayibulala ngayibona isingena endlini mangithi ngiyabheka ngabona khona ugogo wami ozala umama ongasekho ehleli kusofa sonke sibabaza inyonka wavele yena umntanami waphosa it she wayichofoza ikhanda.
Nngiphuphe nngitwele iskhumba sesilonda ngomlomo wami
Kusho ukuthini ukuphupha amathwasa ekunika ibhakede eth iya kumuzi othile ubeke lento esebhakedeni ngaphambi komnyango nangasenhla komizi.
Kusho ukuthini ukuphupha izinkomo eziningi zimi ndawonye.
Kuningi engikuphuphayo,kodwa akucaci.
uma uphupha umuntu eshonile engathi ugwaziwe kodwa kubengathi bewunaye ngayizolo. ngabe lichazani leliphupho?
Isingphatha kabi lentils
Sengphuphe KANINGI ngiphupha ngolwandle ngithi uma ngsendel eduze ludinwe lfune ukungthatha okokqala lalungcolile klokhu okunye lsuke luclean koda lisuke lunolaka. Kokunye ngat mangbuza kumunt oseduzane ukt kwenzakalan waphendula wathi ungasondeli ulwandle aluzwani nomunt ongcolile,konke lokhu ksayiphupho kuthe izolo ngaphupha sengat amawele ayakwiliza koda ubuso buvelile emvakweskhath aphuma efake izinto ezimnyama kwajatshulwa kwangat abuya kofundela ubungoma khona olwandle. Ngsacela ukwazi ukt konke lokhu kusho ukuthin
Kushoni ukuziphupha ushonile intombi yakho ikuzilele
Bheka nalu ulwazi esinalo ngamaphupho athinta ukufa: https://iafrika.org/amaphupho-okufa/
Uma uphupha uthandana nomuntu omaziyo futh ongamjwayele kusuke kunjan noma uphupha kungena amanzi endlin akumboze umzimba akushiye ikhanda kusuku kunjan
Xa uphupha umyeni wakho lo uhlala naye etshata umtshato omhlophe nomnye umntu kukho namahashe amhlophe anezkhoji.kusho ukthini?
Ndiphuphe ndisilwa nodade wethu sibanga indoda ?
ngiphupha ngigibele ngigibela izitebhisi uma sengizofika ngeqe izitebhisi esinye ngifike phezulu ngicishe ngiwe ngibanjwe omunye ubaba …nokuzwa kuhlatshelelwa kahle
Kusho ukuthini ukuphupha omunye wabantwana bakini eshonile kodwa yena usaphila ?
Mina ngicela ukwazi uma ngiphupha ngimhlulile umnakwethu.kowa wamane wangivulela icala nalapho limchithe. Ingabe lichazani elam iphupho. Ngoba nendoda iyangiziba vele
Kusho ukuthin ukuphupha ubaba wakho owashona evakashile kini akufakele iaitime
Kusho ukuthuni ukuphupha utetisa umuntu ozithwele nimile bese mawuthi uyayinqaka ingane iphunyuke ingabambeki???
kusho ukuthini ukuphupha izimoto ezimhlophe eziningi kuthiwa ezakho uze wabele abakukhulisile
Kusho ukuthini ukuphupha umuntu ekhulupheke
Bheka nansi incazelo eshiwo yiphupho ngokukhuluphala komuntu: https://iafrika.org/amaphupho-ngesisindo/ Kulenkundla sesinengosi entsha sha! Lengosi izeka konke okumayelana nokwelapha ngokwesintu. Siqale ngesonto eledlule sakuthi phohlo ngesihloko sokuqala sokwendlalela, bheka lapha: https://iafrika.org/abelaphi-ngokuhlukana-kwabo/ Ezinsukwini ezingengaki sizokunika ulwazi olunzulu mayelana nokwelapha ukuphathwa yisisu, step by step.
Sanibona
Bengicela ukubuza ukuthi if u phupha uhamba nama ex class mate uwakhapha ningene endlini endala Nd kunabantu abahlala lapho Kodwa kunopotsho oludlulela lapho o ex class mate be hlala khona. Manje masifika kulendlu endala kunamagudwane amaningi bawele bona mina ngithi ngiyawela kulopotsho kuvele kudibike ngivele ngigitshelwe amagudwane emqolo wami amancane amaningi ngizame ukuwasusa ngithi ngiyabuyela futhi aphinde ahlale emqolo ngizame ukuwasusa kusale 1 or 2 emqolo ngivele ngisabe ukuwela ngoba kunamagudwane amaningi bese ngiyavuka.