Umswani usebenza kakhulu esintwini ukugeza nokuzihlambulula, abantu bayawusebenzisa ukuhlambulula izidalwa besuse amathunzi abantu abangasekho.
Ukuphupha ubona umswani wuphawu oluhle, lungasho isidingo senhlambuluko noma sokugezwa kwezidalo okumele kwenziwe ekhaya.
Ukuphupha ubona umswani kungasho ukuthi wenganywe amathunzi okushonelwa noma amathunzi okuthakathwa okumele uwageze ngoba akuqhelelanisa nezidalo ezikusingethe.
Ukuphupha umswani ugeza ngawo kuwuphawu oluhle. Lungasho ukuthi uyawudinga ukususa isichitho esingadalwa ulaka lwezidalo kuwe ngenxa yokuzithukuthelisa ngamaphutha akho, kanti kwesinye isikhathi usuke uboniswa ukuthi usebenzise ukususa amathunzi.
Ngicela ukubuza uma uphupha amaphoyisa esithi ngiwagezele kwiveki eliphelile angikhiphe emotweni yami. Abese ehamba nemotoyam angishiya lapho. Mina ngaya ePolice Station ngiyoreporter imoto yam ehlushiwe ngamaphoyisa