Amaphupho ngomoba

Ukuphupha udla umoba wuphawu oluhle, lungasho ukuthi lindela izikhathi ezimnandi ezithokozisayo empilweni nenhlanhla, nokuthi lindela inqubekela phambili.

Ukuphupha utshala, uvuna noma uphupha insimu kamoba wuphawu oluhle. Lungasho ukuthi lindela inhlanhla nempumelelo kulokhu okwenzayo. Kwesinye isikhathi lingachaza ukuthi lindela ukuthola injabulo, ukuphela kwenhlupheko, ukuthuthuka, lindela ingcebo noma lindela ukuthokozela umvuzo wokusebenza kanzima kwakho empilweni.

Ukuphupha insimu ilinywa ihlakulwa noma itshalwa wuphawu olubi, lungasho ukuthi lindela isifo kungenzeka sibe khona emndenini noma ezihlotsheni esikhathini esifushane esizayo.

Ukuphupha udla umoba kungasho uthando, imfudumalo, ukuhlonishwa kanye nokunakekelwa ozokuthola kulabo osondelene nabo empilweni.

Ukuphupha uthenga umoba kungasho ukungena esigabeni esisha empilweni, unokwethemba nokukholelwa entweni ozoyenza, kodwa leli phupho lihambisana nemizwa yalowo ophuphayo. Kwesinye isikhathi lingasho umzwangedwa, ukuba nokudideka, ukwesaba ukwehluleka nokungazazi ukuthi ufunani empilweni.

Ukuphupha uvuna umoba kungasho ukuthi uzobhekana nezinqinamba ngaphambi kokuba ufezekise amaphupho akho. Kwesinye isikhathi kusho ukuthi kumele ushintshe indlela ocabanga ngayo nozizwa ngayo, futhi ubheke izinto okumele uzinake nokumele uzizibe, ikakhulukazi make wedlula ezikhathini ezinzima.

Leave a Reply