Amaphupho ngokuthunjwa

Ukuphupha uthunjwa kungathi izinto ezihlukile:

  • Ukuphupha uthunjwa kungasho ukuthi qaphela abantu osondelene nabo, abanye bayizitha futhi bahlela ukukulimaza.
  • Ukuphupha uthunjwa kungasho ukuthi qaphela kukhona abakugadlayo ngemithi emibi noma abakuthumelela ngomoya omubi. Kusuke kumele uthole amakhambi esintu ukuzivikela noma usebenzise usawoti omahhadla ugeze futhi ugqume ngawo ukuzivikela.
  • Ukuphupha uthunjwa kungaba wuphawu lokuthi bayakukhohlisa ngenhloso yokukucekela phansi futhi kumele uzivikele, ungazisi wonke umuntu ngezinhlelo zize ziphumelele.
  • Ukuphupha uthunjwa kungasho ukuthi uyehluleka ukulawula impilo yakho ngendlela futhi ulahlekelwe ithemba, izinto zingaphezu kwamandla akho.
  • Ukuphupha bethumba ingane yakho kungasho ukuthi ibanjwa izidalo, ukubangwa izidalo kungenzeka uma ngabe umntwana abikwa ekhaya kwababa wakhe kodwa zangagcinwa izimfanelo zasekhaya kubo kamama womntwana. Noma uma umntwana ekhulela ekhaya kubo kababa ngenxa yezimo ezithize kodwa zingenziwa izimfanelo zakomalume.

Leave a Reply