Athini amaphupho okubika isisu noma ukukhulelwa? Ungathola izincazelo ngaphansi.
Amaphupho okubika isisu noma ukukhulelwa
- Uma uphupha izithelo eziningi ezahlukene. Kuyenzeka uphuphela umuntu wakini noma umngane wakho okhulelwe.
- Uma uphupha udla izithelo kusuke kunguwena ozokhulelwa noma kanti vele usukhulelwe.
- Uma uphupha ubhukuda emanzini angcolile noma udaka olunamanzi ubisha kulona kusuke kunguwena okhulelwe.
- Uma uphupha ukuthi ukhulelwe kusho ukuthi uzoba namawele ngelinye ilanga ikakhulukazi uma uphupha wona futhi.
Kukhona abantu abakwaziyo ukuthi baziphuphele bona uma bekhulelwe kodwa isikhathi esiningi umuntu uyaye aphushelwe ngomunye. Kukhona iphupho othi uma usukhulelwe nabantu sebazi ukuthi ukhulelwe kodwa uthole ukuthi umuntu omdala ekhaya uzophupha futhi kodwa esebona ubulili bengane kulelophupho. Kunenkolelo yokuthi lelophupho lisuke lichaza ukuthi ingane iyisibusiso usuke uyiphiwe amadlozi akini. Kodwa inkinga ibalapho lengane uma isizelwe ivamise ukugula kakhulu. Ikakhulukazi uma ingahlawulelwanga kubo lapho izalwa khona. Izidalwa zivamise ukuyibanga. Futhi nawe mzali wengane kufanele ingane yakho uyibonge uma isizelwe ngoba inenhlanhla. Noma izobonwa kumele uyenzele okuthile, ugaye utshwala besintu upheke nenyama yangaphakathi beze omakhelwane bayibone.
Kunamaphupho esikwaziyo ukuthi uma uwaphuphile wenze okuthile ukuze ukwazi ukugwema okungase kuvele. Kodwa awokufa nawokukhulelwa awukwazi ukuvimba noma ukugwema uma sekwenzekile. Kodwa kubalulekile ukukhumbula amaphupho osuke uwaphuphe ebusuku ngoba awusizo.
Ukuphupha omunye umuntu ekhulelwe
Ukuphupha umuntu omunye umuntu ekhulelwe, lokho kuyibika lokuthi kukhona into noma izinto okungezakho ngokufanelekile kodwa ezisezandleni zomunye umuntu. Kepha esikhathini esingeside leyonto izobuyela ezandleni zomnikazi wayo. Kungaba yinto eyifa kuwena noma kube yinto eyakulahlekela esikhathini esedlule, kanti futhi kungaba yisikhundla esanikezwa omunye umuntu ngendlela engasibo ubulungiswa okuzovela njengemfihlo bese sibuyela kuwena.
Kushoni ukphupha uhlezi nabantu bakboka boyfriend yakho abaphilayo kini and ukhulelwe???
Nalu ulwazi esinalo ngalokhu https://iafrika.org/amaphupho-ngothando-nomshado
Nalu ulwazi esinalo ngalokhu https://iafrika.org/amaphupho-ngokuthandana-nomuntu-ngaphandle-komshado-wakho/?
Sawbon ukuphuph kuyinkonzo yokthembiza kugcwele, kodwa ingubo oygqokile iyinNet iveza isinqa?? Following day uphuph uthenga suitcase emnyama
Nalu ulwazi esinalo ngalokhu https://iafrika.org/amaphupho-ngothando-nomshado/?
Sanibona ngicela ukubuza kuchazani ukuphupha usuzele kodwa inyanga yakho ingakafiki
Sabibona
Ngicela ubuza ukuthi lichaza ukuthini leli phupho. Ngiphuphe umuntu kasisi wami eCheater nomunye umuntu futhi elindele ingane
Ngicela ukubuza Uma uphupha ukini bese kufika umlisa othandana naye athi uzokhokhela ingane kodwa angikhulelwe akukho ngane kuchazani
Sabina ngicela ukbuza ukut kuchazan ukuphupha iex yakho ikhulelwe futh ifuna noklala nawe kodwa anibambhe Lo owubaba Wengane aze alwe nami??
Salibonani ngicela ukubuza kuchazani ukuphupha ulindele ukuteta esbedlela kodwa kufike abanye emvakwakho betete kuqala.
Sawubona, ngiyathemba ucaphila..
Ngicela ukubuza ukuthi kuchazani ukuphupha umuntu engithandana naye inreal life ethengela umshana wami wami ona 3 years ikhekhe engikhomba nemali futhi?
Sacela kubuza kuchazani ukuphupha umuntu okhulelwe uphinde ubekhona esebeletha uphinde uphathe umtwana umumbule lengubo engu mhlwehlwe
Hi cc Nami ngyafisa ukwazi.. sekuyizinsuku ezimbili ngiphupha ucousin wam ekhulelwe.
hi
hi
kusho ukuthini phupha mawakho ongasekho ethi umzukulu wakhe ukhulelwe amawele. amane
Sawubona, nansi incazelo esinayo https://iafrika.org/amaphupho-ngabantu-abangasekho-emhlabeni/?highlight=amaphupho%20ngabantu%20abangasekho
Bangiphuphe ngikhulelwe omunye nje usisi engimjwayele isikhathi eside nje
Sawubona, nansi incazelo esinayo https://iafrika.org/amaphupho-ngokukhulelwa/?highlight=ukukhulelwa
Sanbonani
Kusho ukuthini ukuphupha ukhulelwe ingane ikhahlela esiswini iphinde ithule.sengikuphuphe kaningi lokh
Ubaba wengane yam uthi ungiphuphe ngikhulelwe ngothi nalengane esinayo akusiyona eyakhe.asisathandani
Sanibonani kulelikhaya.
Ngicela ukubuza ukuthi kusho ukuthini ukuphupha uDadewethu e Heavily Pregnant?
Sawubona, nansi incazelo yamaphupho okukhulelwa
https://iafrika.org/amaphupho-ngokukhulelwa/?highlight=ukukhulelwa
Ukuphupha umuntu othandazayo kuqala kuze umuntu wesfazane bese kubuya oweslisa athi kuwe wena ukhulelwe…
Cela ukubuza kuchaza ukuthini ukuphupha umuntu omithi ulwa naye. Ngisebenza naye futhi uvele umithi ngampela
Cofa lapha ukuthola impendulo Amaphupho ngokulwa
Kusho ukuthin ukuphupha uchithekelwa isisu?
Cela ubuza xa phupha sister yakho inomntana kuthetha kuthin
Sawubona, nansi incazelo esinayo
https://iafrika.org/amaphupho-ngezingane-ezincane/?highlight=amaphupho%20ngezingane%20