Amaphupho ngokugida noma ukusina

Ukuphupha ugida noma ngabe yiluphi uhlobo lwengoma okanye uyagiya kungasho isikhathi esihle senjabulo nokuthakasa noma ukwaneliseka ngempilo nekusasa lakho.

Ukuphupha ugida kungasho ukuthi unekhono elihle lokujabulisa abantu kodwa awulinakile.

Uma uphupha ugidela izingoma zobungoma kungasho ukuthi wembethwe yidlozi futhi unobizo lobungoma, futhi kungabuye kusho ukuthi uvakashelwe yidlozi.

Uma uphupha usinela izingoma zebandla lenkolo noma ngabe elwakwaShembe kungasho ukuthi kumele ukhonze khona noma kunezinto okumele uyozenza ngakho.

Leave a Reply