Amaphupho ngokuduka

Ukuphupha uduka kuyiphupho elingelihle, lingasho ukuthi kunezinto ongazenzi ngendlela nokuzoholela ekutheni ubhekane nezinkinga.

Ukuphupha udukile ususendaweni ongayazi kungasho ukuthi izidalwa zakho ziyakudinga, awukho lapho okumele ngabe ukhona.

Ukuphupha ungasayiboni indlela ebheke ekhaya kini kungasho ukuthi uzobhekana nezinqinamba nokuthi awunawo umhlahlandlela wokwenza izinto.

Kwesinye isikhathi ukuphupha uduka kungasho ukuthi izinto zakho bazivalile kuzoba nzima kakhulu ukuthi ufike empumelelweni.

Ukuphupha umuntu omaziyo eduka kungasho ukuthi ubhekene nobunzima empilweni yakhe, kumele asizwe nguwe ukuthola izixazululo.

Ukuphupha uduka ehlathini kungasho ukudideka onakho ngesimo obhekene naso futhi ungazi ukuthi uzosixazulula kanjani.

Uma uphupha uduka esakhiweni kungasho ukuthi uzophoxeka, umsebenzi owuhlelayo ungaphumeleli.

Ukuphupha uduka uhamba emgwaqeni usuka edolobheni elikude uya kwelinye kungasho ukuthi uzobhekana nobunzima ngakwezezimali.

Uma uphupha udukile usendaweni emnyama ungayitholi indlela yokuphuma kungasho ukuthi unomzwangedwa futhi uzizwa ngathi labo osondelene nabo abakukhathalele.

Ukuphupha uduka esibhedlela kungasho ukuthi uzobhekana nobuthaka bempilo noma kungaba umuntu osondelene naye.

Leave a Reply