Ukuphupha uyimpumputhe wuphawu olubi olungasho okuthi uzokwenza iphutha elikhulu ngenxa yokuziba izeluleko nemibono yabanye abantu.
Ukuphupha uyimpumputhe kungasho kuthi kumele ube nesibindi ukhuleke ngoba uzobhekana nobunzima obuzodlula ngokuhamba kwesikhathi.
Ukuphupha uyimpumputhe kungasho ukuthi kunezigadlo ezimbi zabathakathi ezivala ziphinde ziphazamise inhlakanipho yakho kanye nekhono lokubona nokwenza izahlulelo eziphusile ngezimo obhekana nazo.
Uma uphupha impumputhe kungasho ukwentula umhlahlandlela empilweni.
Uma uphupha uyimpumputhe kungasho ukuthi kuzomele uthethiswe ukuze ukwazi ukubona amaphutha akho.
Kwesinye isikhathi ukuphupha uyimpumputhe kungasho ukuthi kukhona umuntu ongalungile omethembayo oyingozi futhi okwakhela uzungu, okungamele umethembe.
Uma ungowesifazane uziphupha uyimpumputhe kungasho ukuthi uziphatha ngendlela engafanele, wentula ulwazi ngokukholwa.