Amaphupho ngobulongwe/ngomquba

Uma uphupha umquba uyindunduma ulungele ukuyosentshenziswa kungasho ukuthi izinhlelo onazo zizophumelela maduze, noma ohlele ukukuqala uzokwazi ukukufeza. Uma uphupha umquba umncane uqoqiwe kungasho ukuthi uzophoxeka noma awunalo ikhono elanele ukufezekisa amaphupho akho.

Ukuphupha umquba omncane uphakathi esibayeni kungasho ukuthi uzokhungathwa ubuphofu empilweni noma kungasho ukuthi kusamele usebenze kanzima.

Uma uphupha uphethe umquba ngento bese uchitheka lowo mquba ngephutha kungasho ukuthi uzolahlekelwa amathuba amahle empilweni ngenxa yobudedengu ezintweni ezithinta ithongo lakho, kanti futhi kungasho ukuthi uwumuntu onganaki izinto ezingakulethela uguquko oluhle empilweni yakho.

Ukuphupha ubulongwe obusemanzi kungasho ukuthi qhubeka nokuzikhandla uzophumelela empilweni, kanti uma kunezinkinga ezisuke zikukhungethe kungasho ukuthi zizoxazululeka.

Ukuphupha ubulongwe busemanzi kungasho ukuthi uzoba namasu okufeza nokuphothula izifiso osuke unazo empilweni.

Ukuphupha ubulongwe busesibayeni kungasho ukuthi kumele wenze umsebenzi noma ukhamba lwabadala.

Ukuphupha wena noma omunye umuntu esinda ngobulongwe endlini kungasho ukuthi kunesimo esidinga ukulungiswa ekhaya, kungaphinde futhi kusho ukuthi nihlanjululwe ekhaya noma nihlambulule ithongo.

Ukuphupha isibaya sisesimweni esihle singawile kungasho ukuthi isimo sekhaya simi kahle, uma siwile kungasho ukuthi kukhona okungahambi kahle noma ukuphazamiseka kwethonga.

Ukuphupha ugeza ngobulongwe kungasho ukuthi kumele ugeze isichitho noma ithunzi elimnyama ngamanzi anobulongwe.

Leave a Reply