Amaphupho ngezinombolo

Ukuphupha izinombolo uma uwumuntu obhejayo kungasho ukuthi uboniswa izinombolo okumele uzidlale ukuze uwine, akumele uxoxe ngaleliphupho ungakazidlali. 

Uma uphupha inombolo yokuqala (1) kungasho ukuqala kwezinto ezintsha empilweni. Kwesinye isikhathi kungasho uthando nokulondeka, futhi kungasho isimo sokweneliseka nokuzinza empilweni yomshado kowesifazane oshadile.

Uma uphupha inombolo yesibili (2) kungasho ukuqonda, ubuqotho nokwethembana phakathi kwabashadile. Kungase futhi kukhombise ukubaluleka kobudlelwane nokusebenzisana kowesifazane.

Uma uphupha inombolo yesithathu (3) kungasho ukuzinza nokweneliseka empilweni yowesifazane oshadile.

Ukuphupha inombolo yesine (4) kungasho ukukhathalela umndeni wakhe, izingane zakhe kanye nomuzi wakhe kowesifazane. Kungasho futhi ukubahlonipha nokukhathalela izidingo zabo.

Ukuphupha inombolo yesihlanu (5) kuwuphawu olubi olungasho ukuthi abashadile babhekene nezinkinga emshadweni wabo.

Ukuphupha inombolo yesithupha (6) kungasho ukwedlula kwesimo esinzima, ukuphela kwezinkinga kanye nezinselela obubhekene nazo.

Ukuphupha inombolo yesikhombisa (7) kungasho indlela enhle yokuziphilisa, ingcebo kanye nokweneliseka ezimalini. Kungasho nokuthi uzothola amathuba okwenza imali nokuphumelela.

Ukuphupha inombolo yesishiyagalombili (8) kungasho ukukhulelwa kowesifazane, impumelelo, ukuphulukiswa nokuthi uzokwazi ukufeza izifiso zakho.

Ukuphupha inombolo yesishiyagalolunye (9) kungasho ukuthi qaphela okwenzayo ngoba abanye bengakuqonda ngendlela wena obungahlosile ngayo futhi lokho kungakudalela izinkinga. Kwesinye isikhathi kungasho ukuthi lokhu okwenzayo okukujabulisayo ngaleso sikhathi kungakudalela izinkinga esikhathini esizayo.

Leli phupho lingabuye lisho ukuthi udlula esigabeni esinzima nomlingani wakho kwezothando ngenxa yokungavumelani ezintweni eziningi, lokhu kusho ukuthi kumele uvume ukuthi niyohlezi ninemibono eyehlukene kwezinye izinto.
Lingasho futhi ukuthi kumele ubheke ukuthi imali uyiphatha kanjani futhi ungathembi kakhulu abantu makuziwa ngasemalini.

Ukuphupha inombolo yeshumi (10) kungasho ukuthi lowo ophuphayo uzophila isikhathi eside nokuthi ucabanga kakhulu ngezigameko ezike zenzeka enkathini eyedlule futhi izinqumo eziningi ezinobuhlakani azithathayo kungenxa yalezo zigameko.

2 thoughts on “Amaphupho ngezinombolo”

Leave a Reply