Skip to content
- Ukuphupha izinduna zigcwele kuvame ukuthathwa njengophawu oluhle, lungasho ukuthi uzohluba futhi uthandeke ngokuhamba kwesikhathi.
- Uma uphupha izinduna ungowesilisa oweshelayo kungasho ukuthi ungase uqonywe ilomuntu osuke umeshela.
- Ukuphupha izinduna zigcwele isisu kungaba uphawu olubi uma ungumakoti, kungasho ukuthi ungase ukhulelwe futhi ubelethe ingane ezodala udweshe phakathi kwakho nomyeni wakho.
- Uma uphupha izinduna ungumakoti uzigcoba ngokhilimu kungasho ukuthi uzochitha isikhathi esiningi uzama ukuxazulula izinkinga ezidala ukuhlukana phakathi kwakho nomyeni wakho.
- Uma uphupha izinduna zibomvu ukhulelwe kungasho ukuthi uzobeletha ingane yentombazane enhle kakhulu, uma zimnyama zingasho ukuthi uzobusiswa ngengane yomfana.
- Uma zimhlophe kungasho ukuthi uzozakhela udumo, uphinde uthandeke ebantwini abaningi ngenxa yokuziphatha kwakho okuzokwenza abantu bafune ukusondela kuwe ngaso sonke isikhathi.
- Uma uphupha izinduna zigcwele ubuso zichicha futhi zenyanyeka kungasho ukuthi sukuma uthole amakhambi okususa isichitho nesigcwagcwa.