Ukuphupha ugibele isithuthuthu kungasho ukwembathwa isithunywa noma amandla esithunywa.
Ukuphupha ugibele isithuthuthu wuphawu oluhle, lungasho ukuthi uzophumelela ngokushesha kokwenzayo, nenhlanhla ezayo.
Uma uphupha ugibele isithuthuthu kungasho ukuthi uwumuntu onamandla, nesibindi futhi nomdlandla ozokwenza ukuthi uthole inqubekelaphambili masinyane.
Uma uphupha isithuthuthu usigibele kodwa bese sikuwisa, kungaba wuphawu olubi ngoba lungasho ukuthi uzobhekana nokukhathazeka, ukudumala kanye nokwehluleka nokungakwazi ukufeza izifiso zakho.
Uma uphupha ubona isithuthuthu umshayeli waso esigijimisa kungasho ukuthi uwumuntu onganaki, uthatha izinqumo ngokuxhamazela bese uyazisola ngokuhamba kwesikhathi.