Ukuphupha isidoda kuvamise ukuba wuphawu olubi olungasho isichitho esikungcolisayo ukuze ugcine ungathandwa ngabantu besilisa. Ukuphupha isidoda kungasho isinqumo esinqala okumele usithathe, noma kungasho ukuba nesibindi sokuthatha isinqumo esinzima.
Ukuphupha isidoda sisebusweni bakho noma usibona ebusweni bomunye umuntu kungasho imiphumela yezenzo ezingezinhle ezokuhlaza. Uma uphupha ugwinya isidoda kungasho ukugadlwa ngesichitho safakwa ngaphakathi siyakhula sibe yisilwane esikubangela isigcwagcwa. Ukuphupha usithokozisa ngendlwabu ukhipha isidoda isichitha phansi kungasho ukumosha imbewu noma siyosebenza ukwakha amadimoni.