isiXhosaisiXhosa SetswanaSetswana

Amaphupho ngenyoka

Ukuphupha inyoka noma izinyoka

Ukuphupha izinyoka akusiyo neze into ethokozisayo, kuchaza ukuthi kusuke kukhona isitha esikulandelayo. Futhi kuya ngokuthi iyiphi inyoka oyiphuphile. Isibonelo nje uma uphupha inhlwathi – lelophupho lisuke liqondene nabantu abadala, amathongo noma phecelezi amadlozi. Ukuphupha imfezi khona kusho ukuthi kukhona umuntu ozenza umngani kuwe ebe ekuxokizela, okusho ukuthi kunomuntu oseduze kwakho oyinyoka.

Uma uphupha izinyoka bese kuvela nomuntu kulelophupho, kusho ukuthi naye lowomuntu uyathinteka kulezozitha obhekene nazo.

Ukuphupha inyoka yabathakathi, okuyinyoka emnyama enomgogodla omhlophe, lokho khona kusho ukuthi kukhona umuntu okhunkula ikwenu noma ikini ngenyoka, lowomuntu esebenza ngokuthumela yona leyonyoka oyiphuphile ukuthi izothakatha.

Kanti ke okunye uma uphupha ubona izinyoka nje kukhomba ishwa ekusaseni lakho, lokho kufakazelwa wuhlobo oluthile lwenyoka eqondene nabadala esuke isho ukuthi amadlozi akuthukuthelele futhi othile uzokukhaphela ikakhulukazi uma inyoka ikhuluma.

Omunye angathi: “Ngiphuphe ngibona inyoka ensundu ihamba iya ngapha nangapha, kuthe kusenjalo kwaqhamuka emnyama yona izihambela kahle” – Leliphupho lisho ukuthi kukhona isitha esikugadlayo kodwa ke ithongo lakho liyakuvikela.

Ngokujwayelekile amaphupho ngenyoka axwayisa ngesitha kepha akuhlale kunjalo ngaso sonke isikhathi. Izinyoka ezifana nomdlume, ibululu, umzondo kanye nempumputhe azikhombi isitha. Lezi yizinyoka ezingenabo ubungozi obungafaniswa nobesitha, zona zikhomba inhlanhla engase ikwehlele esikhathini esifushane esizayo. Imvamisa leyonhlanhla isuke izovela ngomuntu ongesiye owasekhaya.

 

289 thoughts on “Amaphupho ngenyoka”

  1. Ngicela ukubuza if uphuphe inyoka emhlophe ne phuzi zihambisana zizakuwena nomyeni kodwa mase e phuzi iluma owesifazane kuchaza ukuthini

    Reply
  2. Sanibona.

    ngicela ukubuza ukuthi kusho ukuthini, ukuphupha inyoka emnyama enamabala ayellow akusa golide….

    Ngoba ngiphuphe, ngikhaphe ingane encane iya etoilet, mayifika iwela esihlalwen les salo itoilet ingena phakathi, ngenhlanhla umgodi sumncane vele, ngiyikhiphe, maqede ngiyisule ukungcola…. Bese ngiyithuma endlini ukuba igijime iyolanda iTissue, isahambile mengith ngqalaza phezulu ngibona inyoka inkulu impela ngithuke ngbaleke, mese ngikude ngiphinde ngibheke, ila engbone khona umbala ukuthi imunyama namabala ayellow okungath ku gold …. kungabe kushoni lokho?

    Reply
    • Sanibonani ndicela ubuza ukuphupha inyoka enamabala a yellow and black i hamba phezu kwam ndilele bese ndiphaphame ndikhwaza igama lenye i ntombi yase family

      Reply
  3. Sanibona ngicela ukubuza kuchaza ukuthini ukuphupha inyoka emhlophe ihamba endlini elinye lunga lomndeni liyishaye ngibone sengikhala ngimbuza ukuthi uyishayelani nyoka yalayikhaya

    Reply
  4. Sanibonani ngicela ukubuza ukuthi uma uphupha inyoka emonca uqhobulo lwami kusho ukuthini lokho angibonanga ngamehlo umzimba wonke kodwa bengibona ubso nje kuphela ….ingabe isitha sami yini sengimunca amandla ami

    Reply
  5. Kuchaze ukuthini ukuphupha izinyoka ezimnyama ama Cobra enza u cansi phambi kwami ebe esondela kmina , mase ngiyawabulala ngamatshe aze afe.

    Reply
  6. Sawubona ..kusho ukuthini ukuphupha izinyoka ekuhlazi ziningi zizihlalele but ngizisaba ,kungathi ngivalelekile ,akuphumeki fthy akubalekeki la bengikho but kuthe sengiphuma zangilandela Zonke ..

    Reply
  7. Ngicela ukubuza kusho ukuthin ukuphupha inyoka enkulu e yellow ngathi khona lapho kuvela nengane yami

    Reply
  8. Sawubon
    Kusho ukuthin ukuphupha nyoka emnyama nokumhloph ilwa yaze yangen emlomen kabhut wam

    Reply
  9. Kusho ukuthini ukuphupha inyoka brown namabala amnyama uphuma ekwibrief case brown ekhaya

    Reply
  10. Sanibonani. Ngiphuphe ngibaleka kunempi, ngabaleka ngaze ngafika eskhotheni, ngathola indayo yokucasha kunotshani obude. mangingena kulobutshani ngathola inyoka emhlophe bese light brown emgogodla inamakhanda amabili emuva naphambili. yeza kimi yafike yama nje eceleni ayangenza lutho yase iyasuka kodwa ngasinda nasempini.

    Reply
  11. Ngicela ukubuza Uma uphuphe inyoka emhlophe nokubomvu.ikulandela besekuvela emyama kushoukuthi

    Reply
  12. Ngphuph ngbon I video yam ngisemanzin ngibhukudu acwebile kodw min ngyawasab amanzi.emva kwalokh ngahamb ngayolala kukhon boyfriend yam yangibuz ukth ng ryt ngath min cha 😶kulaph ngbon inyoka encane emhlophe eza kumi ibincane yon. Ngiyibon enguben engilal ngay bekuyiphuph lenzeka laph engilal khon. Kuth kusanjal ngaphaphama. Sacel ningisize angaz luthr ngsawumtwana

    Reply
  13. Camangu Ukuphupha i collegue yakho obusebenza nayo before ishayiwe inyoka bese iyashona ngabe kusho ukuthinj

    Reply
  14. Sanibona

    Uma uphuphe inyoka egrey esandlondlo noma black mamba ifile kini endlini kusho ukuthini ?

    Reply
  15. Sawubona.. nginokuphupha izinyoka ezohlukene sigcwele igceke la engihlala khona kulok besizendlin, kodwa njalo lezi nyoka Kuba khona abant engabaz abazishayayo bezibulale, kokhunye kwakukhona umama wam ongasekho. Iynyoka ezihlukene ngembala fth nango size, ngabe kusho ukthin

    Reply
  16. Sawubona

    Cela kubuza kusho ukuthi ukuphupha inyoka emnyama enkulu into brown sport iciphizwe amaplangwe ngiphume ngabaleka endlini ebikuyo ngothi yotshela umama nabanye ngabavusa sithe sabavusa kwaqhamuka inja ismakwe esimhlophe sagijimela kwenye I room mengithi yabheka izinja ziningi khona nezinye ezime ewindin kusenjalo kwaqhamuka inkalankala sathuke ngithi ileya nyoka engiybonile mayb ivukile kuthe kusenjalo kwanyakaza into embhedeni LA kulele khona mama nezingane mesithi inyoka ebomvu ephakathi iza ngakimi ngabaleka yalandela ngaphaphama mengithi iskhathi u12 am ngathi nephupho belenzeka ngazo lezo khathi vuke thukile novalo

    Yabonga

    Reply
  17. ngiyabingelela, ngiphuphe ngiya epartini ngithe uma ngifika ngavulelwa i picock, yavula amaphiko ayo amnyango kodwa laba abanye bekungabantu bekuyiyo kuphela isilwane, ngiyabonga

    Reply
  18. thokoza, ngicela ukubuza ukuthi kusho ukuthini ukuphupha izinyoka zemibala yonke sisesilwini ekhaya, phakathi kwesilulu bekukhona zonke izinyoka nemibala yazo kodwa ezincane , kulezinyoka bekukhona enkulu emhlophe about a size of a hippo enamabala amancane amnyama just black beautiful small black spots, so much so that uma usekudeni you woudn’t see the black spots, youd think its white all over, i was scared seeing the snakes and i ran outside the yard, there was a small yellow one flying that chased me and when it got to me it said you cannot run away from me, then i woke up, ngiyabonga.

    Reply
  19. Ngcela ukubuza kuchazani ukuphupha ngishaya inyoka yabafazi ngamatshe yafa, kuthe kusanjalo ngabamba I cobra ngesandla , engathi ngiyayikinya sakuybulala.

    Reply
      • Sanibonani. Ngcela ukubuza kusho ukuthini ukuphupha ujahwa yinyoka emnyama kungathi kodwa umzimba wayo ululiwe, ngomlomo wayo iphethe lento eyomile ena seshlahleni sikabhompisi, a ngima ngoyiqalaza nayo iyama ingangijahi kodwa masengqhubeka ngibaleka nayo ize emva kwami . Ekugxineni ngibone isihamba nonfanyana omncane ngavele ngamklinya lomfana ngamthembisa ukumulala make waphinda wasondela nalenyoka eduze kwami.

        Reply

Leave a Reply