Amaphupho ngenyoka

Ukuphupha inyoka noma izinyoka

Ukuphupha izinyoka akusiyo neze into ethokozisayo, kuchaza ukuthi kusuke kukhona isitha esikulandelayo. Futhi kuya ngokuthi iyiphi inyoka oyiphuphile. Isibonelo nje uma uphupha inhlwathi – lelophupho lisuke liqondene nabantu abadala, amathongo noma phecelezi amadlozi. Ukuphupha imfezi khona kusho ukuthi kukhona umuntu ozenza umngani kuwe ebe ekuxokizela, okusho ukuthi kunomuntu oseduze kwakho oyinyoka.

Uma uphupha izinyoka bese kuvela nomuntu kulelophupho, kusho ukuthi naye lowomuntu uyathinteka kulezozitha obhekene nazo.

Ukuphupha inyoka yabathakathi, okuyinyoka emnyama enomgogodla omhlophe, lokho khona kusho ukuthi kukhona umuntu okhunkula ikwenu noma ikini ngenyoka, lowomuntu esebenza ngokuthumela yona leyonyoka oyiphuphile ukuthi izothakatha.

Kanti ke okunye uma uphupha ubona izinyoka nje kukhomba ishwa ekusaseni lakho, lokho kufakazelwa wuhlobo oluthile lwenyoka eqondene nabadala esuke isho ukuthi amadlozi akuthukuthelele futhi othile uzokukhaphela ikakhulukazi uma inyoka ikhuluma.

Omunye angathi: “Ngiphuphe ngibona inyoka ensundu ihamba iya ngapha nangapha, kuthe kusenjalo kwaqhamuka emnyama yona izihambela kahle” – Leliphupho lisho ukuthi kukhona isitha esikugadlayo kodwa ke ithongo lakho liyakuvikela.

Ngokujwayelekile amaphupho ngenyoka axwayisa ngesitha kepha akuhlale kunjalo ngaso sonke isikhathi. Izinyoka ezifana nomdlume, ibululu, umzondo kanye nempumputhe azikhombi isitha. Lezi yizinyoka ezingenabo ubungozi obungafaniswa nobesitha, zona zikhomba inhlanhla engase ikwehlele esikhathini esifushane esizayo. Imvamisa leyonhlanhla isuke izovela ngomuntu ongesiye owasekhaya.

 

334 thoughts on “Amaphupho ngenyoka”

  1. Sawubona, ngcela ukubuza ngiphuphe ngizwa into ingihamba emhlane yawa ngibona izinyoka eziningi ezinkulu emgwaqweni ngaphambi kokuthi ngifike emsebenzini bezimnyama kodwa eyodwa ibinombala ohlanganise ommyama noluhlaza inamehlo abomvu, ngibe sengitshela ubhuti engihlangane naye ukuthi aqaphele kunezinyoka wavele wangihleka, kuchaza ukuthini lokhu

    Reply
  2. Hi Ngicela ukubuza ngiphuphe inkanyamba(Dragon with wings) isesidlekeni sayo nabantwana bayo abathathu ngihleli nabo, Kusho ukuthini

    Reply

Leave a Reply