Uma uphupha ubona inja kuwuphawu oluhle uma iziphethe kahle futhi ikulalela ikakhulukazi uma kuwumdlwane. Uma inja ingaziphethe kahle ilwa noma iphula izinto kusho ukuthi uzoba nenkinga empilweni yakho kungekudala, ikakhulukazi leyonkinga ivela kubantu abangathembekile. Uma inja ikuluma, kusho ukuthi kukhona umuntu okuzingelayo okungenzeka ukuthi ukukhunkula ngisho nangomoya omubi. Uma uphupha inja ikhonkotha noma iklewula lokho kungenzeka ukuthi kubikezela izikhathi zezinkinga emndenini wakho. Uma uphupha umakoti omusha osandakufika emzini izinja zinobungane kuye esikhundleni sokuzama ukumluma, lokho kusho ukuthi wamukelwe kahle ngamadlozi. Kanti ke futhi ukuphupha izinja kungabikezela ukugadlwa noma ukulalelwa unyendle yizitha zakho.
Lapho uphupha ulunywa inja noma izinja, ngenxa yokuthi izinja yizilwane zasekhaya uma zivela emaphusheni lokho kusuke kuletha umyalezo othinta umndeni. Uma uphupha inja noma izinja zikuluma, ukuthi zingaki lezozinja kubalulekile ekuchazeni iphupho. Uma uphupha inja ekulumayo iyodwa lokho kusuke kusho ukuthi kukhona umoya omubi okhona phakathi kwamalunga omndeni. Lowomoya omubi kungaba ukungaboni ngaso linye entweni ethile noma kube ingxabano engase ivele kungekudala ezokhanda inzondo phakathi kwakho wena ophuphile kanye nelinye ilunga lomndeni. Uma uphupha izinja ezikulumayo zingaphezu kweyodwa ngenani, lapho kusuke kukhona umyalezo idlozi lasekhaya elihlose ukuwethula kuwena, ngakho-ke kubalulekile ukuthi ukubheke konke okwenzeka kulelo nalelo phupho ukuze uzowuqonda kahle umyalezo walo uma usulihlaziya. Lezizincazelo zokuphupha ulunywa inja noma izinja zifakazelwa wukuthi ngokuvamile uma uwaphupha lamaphupho okulunywa yizinja, avamiswe ukuphushwa eveza usekhaya noma useduze nakhona ekhaya.
Sanibona ngisanda kuphupha ngilunywa yizinja ezintathu ngithe ngsathi ngicosha itshe ngyazishaya lavele langisinda itshe ngalidedela lapho ke eyodwa kade ingiqeda ingiluma kanti lena eyesbili beyingiluma qede ihlehle lena yesthathu ibikhonkotha buqamama and lezizinja ngyazazi ezalana ngaphesheya kwasekhaya emzini womuntu oyinyanga mthandazi mphrofethi aphinde abe wumfundisi ngeskhathi lezinja zingiluma abafana bakhona kulomuzi yibona abebengisikhazela besho ukuthi mazingilume
Ngiphuphe ngilunywa yinja ezicani ezi3 isandla
Sanibonani ekhaya ngiphuphe izinja zizama ukungiluma kodwa nacosha induku emfushane ngazishaya kwaqamuka eyesithathu ngathola enye induku ende ngazishaya ngaziphonsa ngale kwewa bezinga nkulu bekungathi izimaku
Ngiphuphe ngibuya emsebenzini Kodwa mese ngise duze base khaya ngavalelwa izinja eziwo2 ngathi zifuna ukungi lona Kodwa ngazi shaya ngamatshe ngibaleke ngifike esangweni mangity ngiya kiya isango ngibone ubaba wengane use washona kulezi nyanga ezidlule ngimbuze ngity hawu awulele aty bengi ngeke ngilale unganga buyi emsembenzi singene endlini siqabulane sixoxe kube ukuvuka kwami
Sawubona ngikhathazekile ngiphuphe izinja eziningi zingena endlini ezinolaka zikhonkotha kungathi sifuna ukungiluma ngazishaya zaphuma kwasala eyodwa.ingabe kushoni lokhu besihlukene ngemibala
NGIPHUPHE INJA NGISHAYA YEZA NGQO KUMINA NGATHI FUNA UKUNGILUMA MAQEDE YALALA PHAMBI KOMNYANGO ENGATHI IFUNA NGIDLALISE NGABALEKA KAKOTELA KUBABA KODWA USANGISHIYA EMHLABENI NGICELA CHAZELA NGABE KUCHAZANI
ndiphuphe ndilenqwa ziznja eziningi kodwa khange sinditye
Sawubona, nansi incazelo esinayo
https://iafrika.org/?s=amaphupho++ngezinja
Thokoza ngicel ukubuz kusho ukthin ukphupha izinj ezimbili encane nenkul bekungatth ziyangijabulel ngob ezasekhay kodw zivel zagxum zahlal emhlane ngabathe ngyazisusa zabambelel ngenx yokuth izinyaw zazo zineminw bezingincinz ngazam ukuzisusa lapho ngyahamb nazo zisemhlan n ziyajabul min ngyalimal ilezinyaw ngazam ngathath induku ngazishay zaze zasuka ngithe sengifun ukuzishay nom ziphansi bangikhuz kwathiw angiziyeke
Sawubona, nansi incazelo ngamaphupho aphathelene nenja
https://iafrika.org/amaphupho-ngenja/?highlight=inja
Thokoza kusho ukuthini ukuphupha izinja ezinolaka kodwa undlula kuzo zizilalele ngathi zilambile ngibonge
Sanibona Uma uphupha izinja eziningi zikukekelezile bese Kuba neyodwa ikukhothe enlenzeni wakwarity kusho ukuthini
Ngiphuphe umyeni wami emithisile lentombazane ayimithisile eyakhona la ngasekhaya kodwa siyizitha nayo asikhulumisani nayo naku o bebekhombisa ukujabula ngalokhu kanti futhi a angifuni kumanj abangikhulumisi
Cofa lapha ukuthola impendulo Amaphupho ngokukhulelwa
Ngiphuphe ngifuna ukulunywa izinja namhlanje ngiphupha ngijahwa inkomo emhlophe enamabala abrown ngikhathazekile
Cofa lapha ukuthola impendulo Amaphupho ngenkomo
Kusho ukuthini inja yakho mayi kakela embedini olala kuwo?
Thokoza gogo Mina ngiphuphe ndi hug izinja kwaye bezijabulile kakhulu ngidlala ngoboya bazo beziningi cela ubuza lisho ukuthini elophupha
Ma inja ikaka ecaleni kwakho kuchazani oko
Ndicela ubuza ukuphupha uchanyelwa yinja ithetha ntoni lonto
Cofa lapha ukuthola impendulo Amaphupho asho isichitho noma isinyama