Ukuphupha usemasimini noma engadini encane uphendula inhlabathi, utshala noma ulima, kungaba wuphawu olubi olungasho isifo noma umkhuhlane ozoba akhona ekhaya.
Ukuphupha umba umgodi noma ithuna ukhipha inhlabathi ebomvu kungenzeka kube wuphawu olubi nalo olungasho isifo esingavela emndenini.
Ukuphupha udla inhlabathi okungaba umcako noma ibomvu lokho kungasho ukuthi uwumuntu wemimoya unabadala noma kungenzeka uthwase ngokuhamba kwesikhathi.
Uma uphupha udla inhlabathi wuphawu oluhle, makungukuthi ubhekene nesimo esinzima empilweni kungasho ukuthi isimo sizoshintsha sibe ngcono, kodwa uma izinto bezikuhambela kahle kungasho ukuthi uzobhekana nezinqinamba nesikhathi esinzima empilweni.
Uma uphupha udla inhlabathi ube unesimo sokweneliseka nokuphila kahle wuphawu olubi olungasho ukuthi uzobhekana nezinkinga zezimali.
Ukuphupha inhlabathi yokwakha iqoqiwe iyindunduma ekhaya kuwuphawu olubi olungabika isifo.
Amaphupho ngenhlabathi
ℹ️ Ulwazi oludalwe umphakathi · Funda isexwayiso
Ngicela ukubuza kusho ukuthini ukuphupha uvala umgodi wezibi egcekeni
Cofa lapha ukuthola impendulo Amaphupho ngomgodi
ngicela ukwazi ngokuphupha umbozwa inhlabathi yasolwandle
Cofa lapha ukuthola impendulo: Amaphupho ngolwandle
Hi muphupha uthelwa inhlabathi kodwa umile ekuthele uzwe ngomsindo wayo kuphela
Sawubona, sicela ubheke lapha:
https://iafrika.org/amaphupho-ngesihlabathi/