Ukuphupha impangele kuvamise ukuba wuphawu oluhle kakhulu. Kungasho isimo senhlanhla nokusho ukuthi kukhona okuzokwenzeka kuwe okuhle maduzane. Uma uphupha impangele izalela ibeka amaqanda kungasho ukuthi ukuchuma nenqubekelaphambili isuke iza kuwe, nokuthi uNkulunkulu kukhona ikhono akubusise ngalo elizokuphumelelisa.
Ukuphupha impangele futhi kungasho ukuthi amathongo omuzi afuna ukwenzelwa okuthile okungaba wukuhamba. Uma uphupha impangele kwesinye isikhathi kungasho ukuthi wembethwe idlozi labalozi ngoba impangele ihlala esigangeni.
Uma uphupha impangele ikubalekela kuwuphawu olubi, lungasho ukuthi ithongo likucasukele noma selikufulathele. Uma uphupha impangele ikhala kungasho ukuthi qaphela abantu osondelene nabo, kukhona okuzayo okungekuhle noma kukhona okungakuphethe kahle emoyeni wakho, noma khona abakuhlebayo, bakhuluma kabi ngawe. Ukuphupha impangele kungasho ukuthi kumele ukhulume uma kukhona okungakuphethe kahle emoyeni.
Ukuphupha impangele uma ungusomabhizinisi kungasho ukuthi uzondlondlobala amabhizinisi akho athuthuke. Kwesinye isikhathi kungasho ukuthi ungayitshala imali emabhizinisini ngoba uzoyithola inzuzo. Kwesinye isikhathi ukuphupha impangele kungasho injabulo nokuthula ebudlelwaneni bakho nokuthi nizobambisana nifeze amaphupho enu.
Uma uphupha impangele ikuhubha noma ilwa nawe kungasho ukuthi unokwesaba nokungazethembi, lokho kuzokubuyisela emuva empilweni. Uma uphupha impangele indiza ibalekela izilwane ezifuna ukuyilimaza kusho ukuthi uNkulunkulu ukuvikela kukho konke okungekuhle nokwesabayo. Uma uphupha izimpangele zihamba ngamaqoqo kungasho ukuthi zihlanganise nabantu abanamaphupho afanayo nawakho, ubambisane nabo. Ukuphupha impangele kungasho ukuthi ulimi lwakho namagama owakhulumayo kunamandla okushintsha impilo yakho.