Amaphupho ngefastela

  • Ukuphupha ifastela lisesimweni esihle kuwuphawu oluhle, uma lisesimweni esihle kungasho iso likamoya elikukhanyiselayo.
  • Ukuphupha ifastela lilihle wuphawu oluhle, lungasho ukuthi unobuhlakani nokuthi uzokwazi ukuxazulula izinkinga ebezikudida.
  • Uma lilibi lingekho esimweni esihle kungasho ubuwula nokwentula inhlakanipho.
  • Uma ifastela uliphupha livuliwe umuntu ekuhlola kungasho ukuthi lowo muntu uzoqunga isibindi akhombise uthando nokukulangazelela, kanti kwesinye isikhathi kungasho ukuthi uqaphela zonke izinhlelo ozenzayo ngenxa yokuthi awukwazi ukufihla.
  • Uma uphupha ungena ngefastela kungasho ukuthi uzothola icebo lokugwema izinkinga ezikukhungethe.
  • Ukuphupha ifastela livuliwe kungasho ukuthi lindela izinkinga nezivivinyo ezizokwehlela ngenxa yobudedengu bakho.
  • Uma uphupha ulivala kungasho ukuthi uzokwazi ukuzivikela ezenzweni zababi.
  • Uma uphupha ulivula kungasho ukukhululeka ngemumva kokuvuleka kwamathuba empumelelo.
  • Ukuphupha uphuma ngefastela kungasho ukuthi uzokwazi ukuphunyuka ogibeni olubekelwe izitha zakho.
  • Uma uphupha ifastela lingcolile wuphawu olungasho ukuthi kumele usukume uthole usizo lokuxazulula izinkinga zakho ezifiphaza umbono wakho neso likamoya, uma uwumuntu owembethwe umoya kungasho ukuthi hamba uyogezwa.  
  • Ukuphupha ulunguza ngefastela kusho ukuthi ulindele okukhulu empilweni.
  • Ukuphupha ulithenga kungasho ukuthi uzokwazi ukuzithuthukisa ezintweni ezithinta ikusasa lakho.

Leave a Reply