- Ukuphupha i-ambulensi uyibona kuwuphawu oluhle olungasho ukukhululwa noma ukukhululeka ebunzimeni, noma ukuthola ukusizwa nokwesekwa okudingayo.
- Uma uyiphupha ikunikeza usizo wuphawu oluhle kungasho ukuthi uzosithola isixazululo sezinkinga osuke ubhekene nazo, futhi kungabuye kusho ukuthi lindela ukululama, ukuthuthuka kwempilo nokuthola amandla ukwazi ukuphila kangcono.
- Uma uphupha i-ambulensi ikulandile kungasho ukungenelela kukaNkulunkulu noma kwethongo lakho ekuhlinzekeni ngosizo nokuphulukiswa kokubi.
- Ukuphupha ikunikeza usizo lokuqala kungasho ukuthi qaphela osondelene nabo kukhona abangaphathekile kahle empilweni, noma kungasho isidingo sokunakekela isimo mqondo sakho uxazulule izinkinga ezikubangela ingcindezi nokhwantabala.
- Ukuphupha i-ambulensi esebenza kahle kungasho ukunqoba izinkinga obhekene nazo.
- Ukuphupha ushayela i-ambulensi kungasho ukuthi sekuseduze ukuthi ufeze amaphupho akho.
.