Leli yiphupho eliyisixwayiso ngomuntu osondelene kakhulu nawe ogaqele ukuba sezicathulweni zakho, lokho okungaba ngokwesikhundla, indima oyidlalayo emndenini noma izinga okulo kulokho okwenzayo empilweni. Kafushane nje, singasho sithi yiphupho elimayelana nembangi yakho eyimfihlo efuna ukufana nawe. Okubalulekile ngaleliphupho ukuthi kumele uqaphele ubulili balawo mawele osuke uwaphuphile ngoba nalowo muntu usuke engowobulili obufanayo nawo.
Ukuphupha ingane yasekhaya encane yentombazana ikhala phezu kombhede mina ngithathe ithule ,kusho ukuthini?
Sawubona Amanda, sicela ubheke nalu ulwazi esinalo ngalokhu: https://iafrika.org/amaphupho-ngezingane-ezincane/
Sawubona
Usisi wami uphuphe nginama wele, aze ana magama wawo ungitshelile amagama ezingane, ingabe kuchaza ukuthi lokho?
Nami UCC wami uphuphe nginamawele ay3(triplets) ngamupha elilodwa ebelimkhalela
Kuchazani ukuphupha amawele angafani amadala( non identical twins) eme eceleni komyeni wakho ekhala.
Ngiphuphe ngiteta amawele abafana aphuma nje kahle ekugcineni wathi udokotela kunomunye osele uyintombazane engafuni ukuphuma baze babiza ubaba wakhe bethi akakhulume naye ngizoteta and okumangazayo umuntu abamubizile sinobudlelwano naye kuyimanje
Cofa lapha ukuthola impendulo Amaphupho ngokubeletha (ukuthola umntwana)
Ngiphuphe nginawele engingafuni ngathi ngiwashiye ekhaya lomuntu owubaba wawo edayisa uFishi wangincisha
Cofa lapha ukuthola impendulo Amaphupho ngenhlanzi
Ngiphupha ngitetile amawele awu4 amantombazane leli elinye live seliphupha igazi ngamakhala ngakwazi ukulinqanda ngokuligeza kuthi kusenjalo nalawa amanye aphuma igazi ngawageza onke emakhaleni ngibesengijabula engathi bengikwenye indlu ngasika kuleyondlu ngoba bengbona ngathi azoshona ngaya kwenye safike salalake nawo amawele .ngicela ukubuza ingane lichazani leliphupho
Cofa lapha ukuthola impendulo Amaphupho ngokubeletha (ukuthola umntwana)
Ngimphuphe umuntu wam engazisa ukuthi ukhulelwe amawele amathathu, angibuvezelwanga ubulili bamawele , kepha thina sinobulili obufanayo.
Liyindid iphupho lokho, ongakwenza ukubona umuntu ohlolayo akuhlaziyele lona
Kusho ukuthini ukuzibona usesibhedlela bese kuqhamuka umyeni wakho ephethe izingane ezimbili eyomfana nentombazane mubuza ukuthi ezikabani athi ezakho?
Cofa lapha ukuthola impendulo Amaphupho ngesibhedlela
Sanibona cea ukubuza kushoni ukuphuphelwa ingane yakho umithi amawele aw5 angaziwa ubulili uhambe uyokwenz iscan ma ubuya lapho ukhombise umzali ajabule. Ngishibilike ngiwe bese kwathiwa amawele aphumile wonke?
Cofa lapha ukuthola impendulo Amaphupho ngokukhulelwa
Cela ukubuza kuchazani ukuphupha amawele abafana uhlezi nabo embedini ejabulile ngiwadlalisa
Ngiphuphe nginewele lokho kusho ukuthini?
Nami ngiqeda ukuziphupha nginewele..futhi kuyangikhathaza ngoba angiyitholi impendulo
Ukuphupha izingane ezamawele ezinemnyaka elinganiselwa ko8years
Kuchaza ukuthini ukuphupha uzalisa owasfazane amawele bekuwumfana nentombazane sengathi ngiyamusiza aphume eswini
Cofa lapha ukuthola incazelo Amaphupho ngokubeletha (ukuthola umntwana)
Kusho ukuthini ukuphupha ucosha ngezingane ezu 3 zamawele unina wawo afike eyisangoma
Cofa lapha ukutholaulwazi Amaphupho ngezingane ezincane
Ngike ngaphupha ibhubesi lingijaha maqeda langangenza lutho , ngike ngiphuphe amabhayi,kuphinde kubenalelikhehla engathi liyahlanya lingidonsa noma livele lithi pheshe mase ngyacindezeleka ephupheni , ngaphupha nenyoka enombala o yellow no white no black , ngaphupha ngilandela amathwasa mangifika phambili sengilandela abagqoke amabhayi nebhlalu ngangena esitolo sama bhayi , ngaphupha namanzi ,okokqala olwandle ngicela usizo abantu bengibuka ngathi ngyahlanya okwesbili ngibhukuda emanzini amancane kodwa ngagwiliza ngaphinde izolo ngaphupha ngicula ingoma yobungoma ngifake nebhlalu neziphanda ngibukeka ngijabulile.ngicela ukuthola usizo
Cofa lapha ukuthola incazelo Amaphupho ngamabhubesi
Amaphupho ngenyoka
Ngicela ukubuza ukuthi kuchazani ukuphupha uthandaza ingathi kukhona okuxoshayo, ubiza igama lika Jesu.
Cofa lapha ukuthola incazelo Amaphupho ngomthandazo
Sanibonani bengicela uku joyina nge watsapp
Kuchazani ukuphupha udoba ubamba ofishi abakhulu abahle
Cofa lapha ukuthola incazelo Amaphupho ngenhlanzi
Sanibonani e e-iafrika.Bengisacela ningisiza ekuchazeni noma ekucaciseni leli phupho engibe nalo kuthanga ebusuku.Ngiphuphe nginomtwana osemncane sengathi bengiqeda kumzala kodwa ngingezwa buhlungu.Bengisemotweni ngimugonile ngiphethe amathawula amabili(akhona vele layndlini ngiyawasebenzisa) ngisafunda ukwembathisa umtwana.Kuthe ngisemotweni kwaqhamuka enye imoto ebishayelwa ubaba walomtwana.Ukuthi ngaze kanjani ukuthi ubaba womtwana angazi.Ngase ngicela umshayeli ukuthi amumise wama kodwa uma sengiphuma emotweni ngizomhlangabeza akasekho ngathi usenyamalele wangena esitolo ulinde mina ukuthi ngihambe.Ayi lihambe iphupho libe semfuleni lapho umfula unezindawo ezinenhlabathi eningi ongakwazi ukuzisebenzisa ukuze uweqe.Lo mtwana manje akasekho mncane usemdalanyana useyazihambela.Emva kokuba kube yichallenge ukuwela umfula ngimsize ngabona senginamawele anobulili obungafani.Ngiyacela ningisize ekucaciseni leli phupho.
Sekukaningi ngiphupha amawele unyaka wesibili lo yonke inhloko yewele sengiyiphuphile, amabili, amathathu, awobulili obufanayo, awobulili obungafani, nalawo asesele ngawodwana (elinye selenda) sekuyangixaka manje ukuthi kusho ukuthini
Leli yiphupho elimayelana nembangi yakho eyimfihlo efuna ukufana nawe.
Kusho kuthini ukuphupha iwele lomfana nelentombazane,afanayo
Kuchaza ukuphupha ukhululelwe amawele, umfana nentombazane ngaze nganikwa namagama abo
Nalu ulwazi esinalo ngalokho: https://iafrika.org/amaphupho-ngokukhulelwa/
Kusho ukuthini ukuphupha iwele lakho ozalwa nalo? Ulijabulela engathi Kade waligcina ukulibona?
Uma uziphupha wena ukhulelwe kuchazani
Ungase uthole olunye ulwazi kulesi sixhumanisi: https://iafrika.org/amaphupho-ngokukhulelwa/
Cel kubuza kuchazan kuphupha umngan wakho ephethe amawele umfana nentombazane ethi awakhe uzake won a nokuphupha ingwenya emanzini
Nanku esinalo ngamaphupho engwenya: https://iafrika.org/amaphupho-ngengwenya/
Thokoza… Sacela ukubuza kuthi kusho ukuthini ukuphupha iwele lakho no aba wakho asebashona beyizintunzi zakho?
Nanku esinalo ngalokho: https://iafrika.org/amaphupho-ngabantu-abangasekho-emhlabeni/
Ngabe kuchazani ukuphupha uteta amawele amane abafana
Amaphupho ngokuzala, bheka lapha: https://iafrika.org/amaphupho-ngokuzala/
Thokoza, I dreamt that my brother and I a young boy,I don’t have a brother mind you but in the dream I did,we were captured by the river by some woman from eSwatini and she joked about eating us but they didn’t,next thing the boy is gone and im told that the Swati king wants to take me as a second wife,the first wife didn’t like me,I didn’t see the king but I saw myself playing the role of the second wife the king’s mother liked me coz I was smarter than the first wife.Nothing happened between the king and I,the first wife just didn’t like me.
Amaphupho ngobukhosi: https://iafrika.org/amaphupho-ngobukhosi/
Thokoza,I once was desperate and got a woman who used izigubhu to assist me,she tried to ukungvala but couldn’t, recently I had a dream of her wanting to find her family and apologize,I told her in the dream kzomele afembe to find idlozi lakhe and talk to them,she looked like she was stuck or sad coz she said abasekho.
Thokoza,I dreamt I was at my mom’s side of the family and there was a party also people from my mom’s church,kwavuka idlozi and my uncle sed kmele ngishiselwe impepho coz they can’t see me and then my brothers child try to hit me but she couldn’t next thing I’m sitting with my aunt I say I’m going to bath and she wanted to give me her towel I told her I have one and my cousin asked to join me whose a girl,we couldn’t fit in the bathtub but we managed to bath and I left.
Thokoza,ngiphuphe my son engamawele amathathu,elele emnyango kwamakhelwane,ngathatha ngawahambisa ngawayise endlini ekhaya,kukhona iculo lobungoma I was singing sengyolanda elokugcina iwele lingiculisa lona.ingasali khumbula iculo kodwa benghamba ngigida ngilizwa lingipha inkuthazo.
Nalu ulwazi lapho ubona umakhelwane ephusheni lakho: https://iafrika.org/amaphupho-ngomakhelwane/
Sanibona sacela ukubuza kusho ukuthini ukuphupha ufundisa kanty vele ufundela ukuba uyena uthishela?
Ake ubheke lapha: https://iafrika.org/amaphupho-ngesikole/
Ngicela ukbuza kusho ukuthini
Ukuphupha izingane zakho zamawele zimuke nomfula kodwa ugcine uzikhiphile
Lapho kunokuminza: https://iafrika.org/amaphupho-ngokuminza/
Khuchaza ukuthini uphupha uzala amawele
Usufundile ngencazelo yokuthola amawele. Nansi incazelo lapho uphupha uzala, bheka lapha: https://iafrika.org/amaphupho-ngokuzala/ Ubuwazi nje ukuthi kulenkundla sinezithakazelo zakini kwaManqele? Bheka lapha: https://iafrika.org/izithakazelo-zakwamanqele/
Ngicela ukubuza ukuthi kuchaza ukuthini lokhu engikuphuphile, ngiphuphe ngiphukile sengingasakwazi ukuhamba. Ngavuka kungathi bengiphuke ngempela emlenzeni wami.
Ukwephuka kuyingozi, nansi incazelo lapho uphupha ingozi nokulimala, bheka lapha: https://iafrika.org/amaphupho-ngengozi-nokulimala/ Ubuwazi nje ukuthi kulenkundla kunezithakazelo zakho zakwaShezi? Bheka lapha: https://iafrika.org/izithakazelo-zakwashezi/ Nomlando wakwaShezi nawo futhi sinawo: https://iafrika.org/umlando-wesibongo-sakwashezi/
Sanibonani cela ukbuza kusho ukuthini ukphupha uphalazelwa omunye umuntu
Cofa lapha ukuthola impendulo Amaphupho ngokuhlanza
Ukuphupha usindela amawele