Ukuphupha ishongololo ungumuntu onezithakazelo zakho njengabantu bakwaBhengu kungasho izidalwa zakho.
Uma uphupha ishongololo lingaphandle lilele noma lihamba kungaba uphawu olubi okungasho ukuthi kukhona umuntu okugadla ngesichitho.
Ukuphupha ishongololo uhlangana nalo uhamba, lokhu kungasho ukuthi qaphela ngoba kunomuntu ongakufiseli okuhle ofuna ukukukhaphela.
Uma uphupha ishongololo lisendlini noma lingena endlini kungasho ukuthi kunabathakathi abazama ukungcolisa umsamu wakini.
Uma uphupha ulibona kungaba isexwayiso sokuthi kukhona abakugadlayo, ukuthi izinto zakho zihambe kancane njengeshongololo empilweni, uma kukhona okuphazimisayo ime njengeshongololo.
Uma uphupha ishongololo wethukile kungaba isexwayiso sokuthi kunabantu abangalungile okumele uqhele kubo, kungenjalo uzobhedelwa izinto.
Uma uphupha ishongololo liza ngakuwe wethukile kungasho ukuthi ugxilile kakhulu ezintweni ezizokhathaza umoya wakho.
Kwesinye isikhathi ukuphupha ishongololo kungasho ububha, ukuthi uzohlupheka ungaphumeleli, nokuvaleka kwezibusiso empilweni yakho.
Uma uphupha ubona ishongololo lisekudeni kungasho ukuthi isitha siseduzane, makumele wenze okuthile okuzokwenza ngcono impilo yakho uba nokuvilapha ugcine uyekile.
Uma uphupha ishongololo likuwe emzimbeni noma ekhanda kungasho ukuthi unebhadi.
Uma uphupha ishongololo lihamba ezandleni zakho kungasho ukuthi awukwazi ukusebenzisa imali ngendlela efanele, uyayimosha.
Uma uphupha ishongololo likuwe emzimbeni kungasho ukuthi uzongaphumeleli kokwenzayo, kungaba isemkhakheni okuwo emsebenzini noma ukuphela komshado wakho.
Uma uphupha ushaya ishongololo ulibulala kungasho injabulo nokuthi uzonqoba zonke izinkinga obhekene nazo.
Uma uphupha ishongololo lifile kungasho ukuthi uzonqoba futhi kungasho nokufika komuntu obalulekile ozokusiza ufezekise amaphupho akho empilweni.
Uma uphupha amashongololo emaningi kungasho ukuthi izitha zakho zihlangene, ziyasebenzisana ukwenza impilo yakho ibe nzima.
Kwesinye isikhathi ukuphupha amashongololo amaningi kungasho ukuthi izitha zakho abantu osondelene nabo, okungaba umndeni noma umuntu omthatha njengomngani, ngakho kumele uqaphele abantu obatshela izinto ohlele ukuzenza nezenzeka empilweni yakho.