Amaphupho ngamafinyila

Ukuphupha umafinyila kungasho okuhle kwabanye, kwabanye kusho okubi.

Uma uphupha amafinyila:

  • Uma uphupha uphuma  amafinyila uthimula kungasho ubuthakathaka, ukugula, izinkinga noma isimo esibi ozobhekana naso sidinge usilungise ngokushesha.
  • Uma ugula bese uphupha uphuma amafinyila kungasho ukuthi uzolithola ikhambi noma uzosinda ngokushesha.
  • Uma uphupha uwasula kungasho ukuthi uzozizwa kangcono ngemumva kokuthatha isinyathelo sokubhekana nezinkinga ezikuzwisa ubuhlungu.
  • Wuphawu olubi uma uwaphupha ephuma kumuntu owashona, okungasho ukuthi kunesimo esidinga ukulungiswa esabhediswa ngabathakathi.
  • Uma uphupha ephuma kumuntu osondelene naye kungasho ukuthi ubhekene nengcindezi noma nokhwantabala ngenxa yokukhungathwa izinkinga ezingapheli empilweni futhi engadinga usizo lwakho.
  • Uma uwaphupha amafinyila eluhlaza, emaningi futhi enyanyeka wuphawu olubi kungasho ukugula noma isichitho.
  • Uma uwaphupha ephuma bese usala uhlanzekile kungasho ukuthi sesisondele isikhathi sokuphulukiswa nokwelapheka empilweni yakho.
  • Uma uwaphupha ekunindile noma eninde izingubo ozembethe kungasho ukuthi kukhona abantu abakushaya ngesichitho.
  • Uma uwaphupha emhlophe kungasho ukuthi lindela isikhathi esinokuthula nenjabulo kanye nokwenza inzuzo kokwenzayo nempumelelo. Uma emhlophe kakhulu kungasho ukuqhela komuntu ongalungile oseduze kwakho okungenza ube nesikhathi esimnandi.

Leave a Reply