Amaphupho ngabantu bebala elimhlophe (Isiphiwo)

ℹ️ Ulwazi oludalwe umphakathi · Funda isexwayiso

Ukuphupha umuntu onebala elimhlophe noma isiphiwo (siyaxolisa uma leligama lingemukelekile kubantu) kungasho ukuthi kukhona inhlanhla ngenxa yokuthi abantu abangandile okusho okuthi bakhethekile.
Uma uphupha ubona ingane ephila ne Albinism khona kuwuphawu oluhle kakhulu okungasho isizotha, udumo noma isibusiso nokuthuthuka empilweni.
Ukuphupha ubelethe ingane ephila ne Albinism khona kungasho ukuthi uwumuntu onomusa omnene nokuthi uwumuntu onenhlanhla yokuzalwa nokuthi impumelelo yakho ilele ekusizeni nasekukhathaleleni abanye abantu.

Uma uphupha amawele amhlophe kungasho ukuthi ungahle uthole isibusiso esiphindekile futhi esizofika ngendlela engajwayelekile. Kwesinye isikhathi kungasho ukuthi lindela ukuthola izindaba ezinhle ezimangazayo kumuntu omaziyo kungekudala.
Kwesinye isikhathi ukuphupha amawele aphila ne albinism kungasho ukuthi kukhona amathuba amahle azokuvelela empilweni kuzomele ukhethe elilodwa, ngokwesibonelo ungathola izingcingo zomsebenzi ezindaweni eziningi kanyekanye.
Ukuphupha ingane yebala elimhlophe yeneme isesimweni esikahle uphawu oluhle olungasho injabulo.

Leave a Reply