Amaphupho asho isichitho noma isinyama

Uma ushawe ngesichitho kusho ukuthi kukhona osuke ekugadla engakufiseli okuhle ngoba phela isichitho siyisinyama, noma nje ngithi sihambelana naso. Uma ube nehlanhla ke namathongo akini ekubhekile uyakwazi ukuphupha okukuvezelayo ukuthi kukhona umuntu okuhambela sinyelela ongafuni ukukubona uphumelela. Kanti ke ukuphupha iphupho eliqondene naso isichitho akusiyo inhlanhla kuphela ngoba phela isichitho leso kuyenzeka sithunyelwe ngalo iphupho njengoba nedliso lithunyelwa nje ngephupho. Lana ke siloba amaphupho ahlukene kodwa ke incazelo yawo iyafana, onke achaza khona ukuthi kukhona umuntu okuthumelela ngaso isichitho.

  • Ukuphupha usesikhathini – Isichitho leso
  • Ukuphupha incanga noma inja ikhuluma – Isichitho
  • Ukuhamba nqunu – Ishwa
  • Ukuphupha indlu yangasese – Lokho kusho isichitho esibi
  • Ukudla izinalithi noma uziphalaza – Lokho kusho ukuthi kukhona umuntu onigadlayo kini ngomuthi.
  • Ukuphupha izimpethu uzibona noma ziphuma ngomlomo – Leli phupho lisho isichitho esinzima okumele lomuntu osuke eliphuphile alisukumele ngampela.
  • Ungathola futhi olunye ulwazi kulencazelo yamaphupho ngokuphonswa.

145 thoughts on “Amaphupho asho isichitho noma isinyama”

  1. Kuchaza ukuthini ukuphupha iziznja eziningi kukhona nezimhlophe, kepha azinabungozi ngoba uyakwazi ukuzithinta zikujabulele kakhulukazi lemhlophe ngebala. inkinga kuleliphupha uyasaba ukuvele uzishiye ngoba unokuthi zizokuluma, khonamanjalo kuleliphupho kunomlungu ovela sengathi uwumnikazi wazo futhi ngathi ninokuzwana kuleliphupho ngoba kuhlelwi ndawonye kyaxoxwa, naye uyasho ukuthi ngeke zinenze lutho zifundisiwe kazinabungozi?

    Reply
  2. Sanibonani! Bengicela ukubuza ukuthi kusho ukuthini uphalaza izimpethu kanye nokuphinde mawuthi uyatoile.ta kuphume zona nenyoka ekuhlaza konke lokhu kwenzeka ngaphakathi endlini.

    Reply
  3. Sanibona ngicela ukubuza ukuthi kuchazani ukuphupha uphuza amanzi ufuna ukuphalaza mase kmele uphalaze awasavumi ukuphuma

    Reply
  4. Sanibona cella ukbuza kchazani ukuhamba odakeni kube ngat uhamba nabantu abaw2 obaziyo nibizana ngabangani koda anisibo nihamba niyahleka uma ufika estolo uzwe kuluma endaweni thizen uma ubuka ngath induna uma ukuputshuza kuphume isilwane esimnyama esingaphansi kwempethu bese bekukhothisa umuthi wokuthi ube ryt?

    Reply
  5. Sawubona, ngiphuphe lungathi ngibheka ubuhlalu bami bokuvunula, ngenkathi ngisabubheka kube ngathi ngivukwa umoya emvakwalokhu ngiguqe ngiboniswe kundlalwe phansi umuthi omuningi wesintu eduze komuthi kukhona amaPhilisi amhlophe awu-4. Ngyabonga

    Reply
  6. Sanibona ngicel ukubuz ungaphupha usinya amakaka amhlophe and kubelomuntu owashonayo owesifazane efike ewasuse ewipe toilet kushoni lokho

    Reply
  7. Sawbona ngiphuphe ngise toilet ngisahleli ngezwa ingane ibime emahlombe ami yase iyawadedela amakaka amaningi!! Cela ukbuza kuchazani

    Reply
  8. Sanibonani, ngicela ukubuza Uma uphupha izinja eziningi kodwa azikulumi zikugcwalele nje ziyakusinda

    Reply
  9. Angibingelele kini nonke zithandwa siyabonga kakhulu anishayi eceleni 👋niyamangaza🙌nime nje njalo ukubonga akulinganiseki

    Reply

Leave a Reply