Amaphupho amayelana nepasi/umazisi

Ukuphupha uyolanda ipasi (umazisi) ehhovisi loMnyango wezaseKhaya (Department of Home Affairs) kodwa ufice sebeshintshe usuku lokuzalwa kungaselona lolu olusesitifiketini sokuzalwa kungasho ukuthi ubaba wakho akaze azigcine zonke izimfanelo zasekhakomama lakho ngawe, lokho kwenza ukuthi ubangwe ngabaphansi.

Ukuphupha ipasi lakho lidabukile noma leli eliyikhadi lephukile kungasho ukuthi kukhona ozama ukucekela phansi impilo yakho.

Ukuphupha unikezwa ipasi lilisha kungasho ukuthi lindela okuhle okuzayo, ozokuphiwa yidlozi lakho.

Ukuphupha ulahlekelwa noma untshontshelwa ipasi kungasho ukuthi kukhona ozama ukukuphuca ophila ngakho, okungaba umsebenzi.

Ukuphupha ushaya ipasi elisha khona libuya nesithombe esihle kungasho ukubuyelwa isithunzi sakho kanye nenhlanhla ebithathwe ngabathakathi.

2 thoughts on “Amaphupho amayelana nepasi/umazisi”

Leave a Reply