Amaphupho Ombango

Kunabantu abanesiphiwo ngendlela eyisimanga abanye abayi ngisho ukuyohlola komunye umuntu ngoba konke okwenzekayo kubona bayakuphupha. Kwesinye isikhathi athi uyohlola ngoba efuna ukuba nesiqiniseko avele umuntu ohlolayo amtsheleukuthi useyayazi nje into ayizele kuyena. Kuvamise ukuthi umbango kube yinto embi futhi egcina ingakhipha ngisho isidumbu. Kuqala umbango kwakujwayeleke ukuthi kube yilapho abantu begane umuntu oyedwa babange bagcine bengasazwani. Kanti manje sekuyabangwa ngisho namabhizinisi, izikhundla njalonjalo.

Kulabo abanenhlanhla yokuziphuphela, lamaphupho uma bekwazi ukuwalandela bagcina sebekwazi ukuwahlaziya. Kuhle kakhulu ukuthi umuntu alinake iphupha lakhe ikakhulukazi uma ekholelwa kakhulu emadlozini ngoba asuke emtshela okuthize.

Ukuphupha izinkomo

Uma kwenzeka umuntu evamise ukuphupha izinkomo zimjaha zifuna ukumhlaba ngezimpondo kuze kushunqe uthuli impela. Lapho usuke uphupha ngombango nakanjani kusuke kukhona umuntu osuke ekubangisa. Mhlawumbe kokuthize osuke ukwenza futhi ayibonayo ukuthi uyaphumelela kuyona. Amadlozi akho asuke ekutshengisa noma ekuxwayisa ukuthi kukhona umbango okhona. Kwabaganile bangaze bacabange ukuthi abantu babo abathembekile kanti kuyenzeka ukuthi kusuke kungumuntu ofisayo ukuthandana nomuntu wakho kodwa akamtholi, mhlawumbe asebenzise umuthi wokuthi akuchithe emzini wakho noma ibhizinisi lakho lingahambi kahle noma emsebenzini.

Ukuphupha izinja

Njengabantu sinezinkolelo ezingafani ngezincazelo zamaphupho njengokuthi abanye ukuphupha inja bakuncikisa kakhulu namaphoyisa njengokuthi azofika emzini wakho. Kodwa ake sibheke uma lowomuntu ophuphayo engenayo into engamlethela amaphoyisa kodwa aqhubeka aphuphe izinja zimkhonkotha, zimjaha zifuna ukumluma. Usuke exwayiswa ukuthi kukhona izitha eziningi anazo futhi ezihlangene ngaye zimsebenzisela isichitho. Okubi ngaleliphupho ukuthi uma izinja lezo zikuluma kusuke sekungena sona lesichitho esibi. Abantu labo abasuke behlangene ngawe basuke bengafuni ukuthi uphumelele.

Abanye abantu bakholelwa ukuthi uma uphupha inja kusuke kuwumuntu wakini ongasekho. Okubalulekile lapha ukuthi uma uphupha isewumdlwane futhi ingakhonkothi, ikhombisa ukumjabulela kuhle lokho, hhayi uma isimjaha, imluma futhi ikhonkotha kusuke kungasezona izidalwa zakini lezo. Ngoba ngisho nezalukazi zithi uma umakoti eganele emzini ekufuywe kuwona izinja ezaziwayo ukuthi ziyaluma kodwa yena zingamenzi lutho uma evakashile lokhu kuchaza ukuthi amadlozi emthandile. Kodwa uma zikuluma bathi umakoti akapheleli kulowomuzi ngisho ngabe uzama kanjani ukuhlala umendo wakhe awubi muhle.

Izinja zona ziyingxenye yempilo yabantu njengoba bezifuyela izinto ezahlukene. Lapha isifundo ukuthi ngeke umuntu wakini ongasekho afike ephusheni ezokuluma, kungabe wenzeni wena embi? Kumele abantu bakwazi ukuhlukanisa izinto njengokuthi noma ngabe iphupho lichaza izinto eziningi kodwa umuntu abheke ukuthi belinjani lona leliphupho. Kufana nazo inkomo uma kade ubuziphupha usuphupha eyodwa ikukhothamele kusuke kungasho into embi kuyenzeka kube umuntu wakini ongasekho efuna umenzele into ethile. Kwesinye isikhathi uma kade unezitha kusuke kusho ukuthi usunqobile.

 

53 thoughts on “Amaphupho Ombango”

  1. Ngabe kusho ukuthini.. Ukuphupha umuntu obuthandana naye kodwa useganele komunye ekuchazela ngesimo sakhe akuso futhi nawe uma sowuthole omunye makuba nezinkinga ucabange lowa owagana wakushiya futhi ungaphelelwa lithemba ngaye .ube umphupha izikhathi eziningi? Sizani bandla

  2. Manje amanye amaphupho uma ningitshela incazelo kumele ngigcine ngokuyihlola..?!

Leave a Reply